Author: N5

Kushaqwe igolide elingabiza u-R2.5-million elimbiwe ngokungemthetho eGoli

Amaphoyisa abelokhu egasela ezindaweni eziningi ezweni lonke, ikakhulukazi ezimayini ezingasasetshenziswa lapho kusebenza khona ozamazama.

Abesifazane bahamba phambili ekushintsheni izinto

"Namuhla sihlonipha amavulandlela avulela izizukulwane ezizayo indlela kanye nabesifazane abaqhubeka nokwephula izithiyo nsuku zonke."

Awulithandi igama lomgwaqo lendawo ohlala kuyo? Lishintshe!

Uhulumeni wase-Gauteng umeme izakhamuzi ukuthi ziphakamise amagama amasha amadolobha, imifula nemigwaqo - kodwa kunemithetho okufanele ilandelwe.

UManaka Ranaka ugxeka abesifazane bakuleli abashada nabantu bakwamanye amazwe ukuze bathole imali

Umlingisi ukhulume ngevidiyo lapho owesifazane wavuma khona ukushada nomuntu wangaphandle ukuze athole u-R1 000 kodwa wathola u-R70 kuphela.

Sekukhalwa ngenye indodakazi kaZuma esolwa ngokuxova uMkhonto eKing Cetshwayo 

Sekukhalwa ngenye indodakazi kaMnuz Jacob Zuma encane okuthiwa ixova iqembu uMkhonto weSizwe eKing Cetshwayo.

Isilo uMisuzulu ujube ngokusemthethweni okaMyeni esigodlweni sokugada umhlaba kaZulu owawuzophiwa amaSwati uHulumeni wobandlululo 

Isilo uMisuzulu kaZwelithini sesimjube ngokusemthethweni uNdlunkulu waso wesithathu uNomzamo kaMyeni ukuba yinhloko yesigodlo saseNgwavuma esakhelwa ukuvimba uHulumeni wengcindezelo ukuba adayise ngomhlaba kaZulu eSwatini.

EzaseKZN ezifingqiwe: Imenenja kamasipala waseMajuba imisiwe emsebenzini

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni.

Izikhulu zoKhozi FM zithi bezingenazo izinhlelo zokuvala isikhala sikaZanele Mbokazi

UKhozi FM seluveze ukuthi belungakabinazo izinhlelo zokuvala isikhala sikaZanele Mbokazi-Nkambule ngoba bebezitshela ukuthi uzolulama aqhubeke nohlelo lwakhe lokuKhuphukela Eshilo ngeSonto.

Imboni kashukela ibinonyaka omnandi kodwa ubungaba mnandi kakhulu kunalokhu

Ukukhiqizwa kwenyuka naphezu kokucishwa kukagesi kanye nesimo sezulu esibi, kodwa izinga lomoba lalingelihle.

Abangani abakhulu bahlele ukufa ndawonye ngokuzibulala

Abafundi ababili baka-Grade 8 base-Tsakani Secondary School eKurhuleni bebehlose ukuzibulala ngokudla umuthi wamagundane - kodwa oyedwa wabo wasinda.

Izakhamizi zase-Twatwa zilwa ngqo nenhlangano yamatekisi

Bavimbe izindawo zokungena kule ndawo ngoMsombuluko, befuna kuthathelwe izinyathelo izindleko eziphezulu zamatekisi kanye nenkululeko yokusebenzisa ama-lift club kanye nokugibela i-e-hailing.

Kuboshwe ababili ngokusabisa ngezibhamu umphakathi wase-Alex

Amaphoyisa aphethe ukujaha ngesivinini esiphezulu ngokudubula amathayi emoto yabasolwa.

Recent articles

spot_img