Author: N5

I-Sascoc ijabule ngenqubekelaphambili yethimba lakuleli kuma-Olympic

I-Sascoc ijabule ngempumelelo yeThimba laseNingizimu Afrika kuma-Olympics ase-Paris futhi ihlela ukunikeza ukwesekwa okwengeziwe kubasubathi beMidlalo yango-2028 e-Los Angeles.

UZubimendi wenqabile ukuyodlalela iLiverpool

Abadlali abafudukayo: Joyina uRazeen Gutta embikweni wamasonto onke okudayiswa kwabadlali okwenzeka eNingizimu Afrika naseYurophu.

UVan Rooyen uzojoyina i-Orlando Pirates

UDeano van Rooyen ushiya iStellenbosch FC ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili wajoyina i-Orlando Pirates.

Umshayeli wetekisi ethutha izingane zesikole uhlasele amaphoyisa omgwaqo

Umshayeli wetekisi ethutha abafundi ushaye amaphoyisa omgwaqo ngemuva kokuthi amumise ngoba eshayela budedengu.

Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bahlulekile ukusiza owesilisa obelimele

Abantu baseSiqalo eKapa basola amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo ngokungawenzi umsebenzi wabo ngemuva kokuthi owesilisa obelimele ehlale amahora amaningi engalutholi usizo.

Umndeni ukhala ngomsolwa ochanasa emgwaqeni emva kokudedelwa ngebheyili ecaleni lokubulala eminyakeni engu-7 edlule

Udonsa kanzima umndeni waseMthatha ukuze uthole ubulungiswa njengoba icala lamiswa enkantolo ngesikhathi umsolwa enikwa ibheyili.

Aphelile amahlathi okucasha ku-Ace Magashule njengoba icala lakhe liya ngokuqina

Bekushoda umsizi kaMagashule ukuze kuhlangane kahle uphenyo ngaye nabanye asolwa nabo ngokuzitapela izigidi zamarandi enkohlakalweni ka-R255 million, okuyimali yophahla lwe-asbestos.

Ngokombiko angaphezu kwezigidi ezinhlanu amadokodo amacala avaliwe noma ebiwe kusukela ngo-2018 

I-DA ifuna ungqongqoshe wamaphoyisa aziphendulele ngamadokodo amacala adukile navaliwe.

Kubulawe inqwaba yabantu esikoleni saseGaza kuhlasela i-Israel

Isibalo sabantu abashonile ekuhlaselweni kwakamuva ngamasosha akwa-Israel e-Gaza asikaqinisekiswa.

Kuboshwe ababili baseMozambique abebezama ukungenisa abantu abangu-35 eNingizimu Afrika

Babalelwa ku-35 abantu abahlengwe ekushushumbisweni eLebombo Border Post phakathi kweNingizimu Afrika ne-Mozambique ngeSonto.

Ithemba elisha kwabakhubazekile ngemuva kokuba intokazi engakwazi ukuzwa ikhale yemuka nesicoco sikaMiss SA 

Ukunqoba kukaMia Le Roux kuMiss SA okutholakale ukuthi unenkinga yokungakwazi ukuzwa kubuyise ithemba kulabo abakhubazekile ngezindlela ezahlukene.

Abaholi beMK baphonsela uZuma inselelo ukuba aqoke ubuholi baseKZN ngokushesha

Abaholi ezifundeni zoMkhonto weSizwe (MK) KwaZulu-Natal sebenqumele umholi waleli qembu uMnuz Jacob Zuma ugwayi katiki ngokuthi aqoke isigungu sesifundazwe zingakapheli izinsuku ezingu-14.

Recent articles

spot_img