Owesilisa waqongelela imali ukuze avule indawo yakhe yokwenza iPizza

Lubhalwe nguNontokozo Gemani

U-Abednico Ngwenya, oneminyaka engu-58, wafunda ukwenza i-pizza kumngane wakhe ongumGreek ngaphambi kokuvula i-Mr Phiri’s Pizza Hub e-Kwathema.

Ibhizinisi livalwa ngo-2020 ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19, laphinde lavulwa ngoMandulo ka-2025, kodwa ukwenyuka kwezindleko zikagesi kusaphazamisa inzuzo yayo yonke i-pizza ethengiswayo.

U-Abednico Ngwenya, oneminyaka engu-58 waKwathema uguqule uthando lwakhe lwe-pizza lwaba yibhizinisi elincane ngemuva kweminyaka eminingi yokusebenza kanzima nokonga imali.

UNgwenya ungumnikazi we-Mr Phiri’s Pizza Hub, lapho enza khona i-pizza ngayinye kusukela ekuqaleni.

I-Mr Phiri’s Pizza Hub, etholakala e-Valkfontein Road e-Kwathema, ayibukeki njengendawo enkulu noma ebabazekayo uma uyibuka ngaphandle. Kodwa ngemuva kwekhawunta kunendaba yokubekezela, ukuqala kabusha ngendlela ehlukile, kanye nokuzimisela ukuletha okuthile okusha emphakathini waleli lokishi.

UNgwenya akazange afunde ukupheka. Wasebenza esitolo esikhulu i-Spar iminyaka eminingi futhi wasebenzisa ingxenye yomholo wakhe ukuthenga izinsiza zebhizinisi ayeliphupha.

Wafunda ukwenza i-pizza kumngane wakhe ongumGreek e-Alberton ngoba wayefuna ukuletha okuthile okuhlukile emphakathini wakhe.

Waqala ukuvula leli bhizinisi ngo-2020, kodwa labhekana nobunzima ngemuva kobhubhane lwe-Covid-19, kwathi ngoLwezi ka-2024, waphoqeleka ukuthi avale isitolo.

Esikhundleni sokudela, wasebenza ekhishini lesitolo esise-garage yakwa-Engen cishe izinyanga ezingu-18 ukuze aqongelele imali. Waphinde wavula i-Mr Phiri’s Pizza Hub ngoMandulo ka-2025 endaweni ekuyo manje.

Yonke i-pizza yenziwa kusukela ekuqaleni, kuhlanganise nenhlama, ayilungisa yena ngokwakhe. Uzichaza njengomuntu ozibandakanyayo emsebenzini, osebenza ngokubambisana nabasebenzi bakhe.

Namuhla, i-Mr Phiri’s Pizza Hub iphinde ithengise ama-kota, ama-chips, ama-Russian kanye nama-sandwich, kanti uNgwenya unethemba lokwengeza ama-burger namaphiko enkukhu ohlwini lokudla okuthengiswayo. “Ngifuna ukwenza okuningi ngebhizinisi lami, kodwa indawo incane kakhulu,” kusho yena.

UNgwenya uthe kunzima kakhulu ukuthola izithako zokwenza i-pizza, futhi ihhavini yakhe ye-pizza idla ugesi omningi, okwandisa izindleko ze-pizza ngayinye ayenzayo.

Ugesi eKurhuleni ubize kakhulu kule nyanga. Amanani kamasipala akhuphuke ngo-12.7% kusukela ngomhlaka-1 kuNtulikazi ka-2026, okungenye yokwenyuka okukhulu kakhulu phakathi kwamadolobha amakhulu (ama-metro) eGauteng. Ebhizinisini elisebenzisa ihhavini kagesi, lokhu kuwumthwalo omkhulu.

“Kumele ngigijime ngifuna izinto ngaphambi kokuvula ngoba izitolo azilethi izimpahla elokishini,” kuchaza uNgwenya.

Uma ethola abanye abahlinzeki abanamanani aphansi, imikhiqizo ivame ukungabi sezingeni elifanayo noma ingahlangabezani nezidingo zakhe.

Naphezu kwezingqinamba, uNgwenya uthi uyaziqhenya ngokuthi ukwazile ukuvuselela ibhizinisi lakhe.

“Impumelelo yami wukukwazi ukuqhuba ibhizinisi lami nokukwazi ukondla umndeni wami,” kusho yena.

Leli bhizinisi liphinde ladala amathuba emisebenzi kwabesilisa ababili bendawo, uVuyo Nombhide noLinda Skosana, abafunde amakhono amasha kuyilapho bethola iholo elizinzile.

Amaphupho kaNgwenya awagcini nje e-Valkfontein Road. Unethemba lokukhulisa i-Mr Phiri’s Pizza Hub ibe yibhizinisi elikhulu elifana ne-Roman’s Pizza ne-Panarottis, ibe nesitolo ngaphakathi esikhungweni sezitolo ukuze ikwazi ukuncintisana nezinkampani ezinkulu zama-pizza.

Esithombeni esingenhla: Ama-pizza amabili abhakwr eceleni komunye kuhhavini e-Mr Phiri’s Pizza Hub e-Kwathema.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva