Lubhalwe nguPalesa Matlala
Usomabhizinisi uBrown Mogotsi unethemba lokuthola ibheyili eNkantolo Ephakeme yaseGoli ngemuva kokuba izicelo zakhe ezimbili zangaphambilini zenqatshiwe ngenxa yemibuzo mayelana nalapho ehlala khona.
Amacala okubulala abandakanya osolwa njengomholi wezigebengu uVusimuzi “Cat” Matlala, amadoda asolwa ngokubulala uDJ Warras kanye nendoda esolwa ngokubulala uthisha uKirsten Kluyts nawo abuyela enkantolo.
Usuku olumatasa futhi ezinkantolo zaseGauteng njengoba amacala amaningi abucayi obugebengu ebuyela phambi kwenkantolo.
La macala abandakanya usomabhizinisi olwela ukuthola ibheyili, osolwa ngokuba umholi wezigebengu osolwa ngokuzama ukubulala, amadoda asolwa ngokubulala umsakazi odumile uDJ Warras kanye nendoda esolwa ngokubulala uthisha uKirsten Kluyts.
Isicelo sebheyili sikaBrown Mogotsi
Kulindeleke ukuthi iNkantolo Ephakeme yaseGoli izwe izethulo zokugcina mayelana nesicelo sebheyili sikasomabhizinisi waseNorth West, uBrown Mogotsi.
UMogotsi ufuna inkantolo ichithe isinqumo senkantolo ephansi esenqaba ukumnika ibheyili.
Izicelo zakhe ezimbili zangaphambilini zebheyili zachithwa ngemuva kokuba inkantolo ithole izinkinga ngolwazi olumayelana nekheli lakhe lasekhaya.
Abammeli bakhe bethule izethulo zabo ngoLwesihlanu.
Kulindeleke ukuthi iNkantolo Ephakeme ikhiphe isinqumo ngoLwesine.
Icala likaVusimuzi “Cat” Matlala nabanye abasolwa naye liyaqhubeka
Icala lokuzama ukubulala elibandakanya umuntu okusolwa ukuthi ungumholi wezigebengu uVusimuzi “Cat” Matlala nabanye abasolwa abane nalo libuyela eNkantolo Ephakeme yaseGoli.
Inkantolo iqhuba inqubo eyaziwa ngokuthi I-trial within a trial.
Lokhu kuyinqubo ekhethekile lapho ijaji linquma khona ukuthi ubufakazi obuthile bungasetshenziswa ngokusemthethweni yini ngesikhathi secala elikhulu.
Owayengunogada uChristiaan Sheppard kulindeleke ukuthi aqhubeke nokunikeza ubufakazi ngesikhathi ephenywa (cross-examination).
Inkantolo izonquma ukuthi izibhamu kanye namarekhodi omakhalekhukhwini okuqoqwe ngesikhathi kuboshwa umuntu okusolwa ukuthi uyinkabi uMusa Kekana, kungamukelwa yini njengobufakazi.
UKekana waboshwa mayelana nokubulawa kwanjiniyela waseVereeniging, u-Armand Swart.
Icala lokubulawa kukaDJ Warras
Icala elibhekiswe kumadoda amabili asolwa ngokubulala umsakazi uWarrick “DJ Warras” Stock nalo libuyela enkantolo. UStock wadutshulwa wabulawa ngaphandle kwesakhiwo esiseduze neCarlton Centre eGoli ngoZibandlela wonyaka odlule.
UVictor Majola no-Armindo Joaquim Pacula bobabili basavalelwe ejele.
UMajola wake wanqatshelwa ibheyili ngaphambilini ngenxa yamacala okubulala ngamabomu kanye nokuhlela ukubulala.
UPacula, okukholakala ukuthi nguye owadubula, wahoxa esicelweni sakhe sebheyili ekuqaleni kwalo nyaka ngenxa yokwesaba ukuphepha kwakhe.
Njengamanje umelwe yi-Legal Aid South Africa.
Ekuveleni kwakhe kokugcina enkantolo, uMajola akalethwanga enkantolo ngenxa yephutha lokuphatha elihlobene namaphepha asejele.
Kulindeleke ukuthi icala lihlehliswe futhi ngenkathi abashushisi nabameli babasolwa bexazulula izindaba ezihlobene nobufakazi obukufayela lecala.
Icala lokubulala likaBafana Mahungela okuyicala lokubulala uthisha waseGoli, uKirsten Kluyts, nalo liyaqhubeka.
UKluyts wanyamalala ngemuva kokubamba iqhaza emjahweni wokugijima epaki iGeorge Lea Park eSandton ngoMfumfu ka-2023.
Isidumbu sakhe satholakala kamuva ngalolo suku.
Ukuhlolwa kwesidumbu kwembula ukuthi lo thisha oneminyaka engu-34 ubudala, owayekhulelwe amasonto angu-14, washona ngenxa yokulimala okubangelwe yinto enzima kanye nokuminyaniswa (ukuklinywa).
UBafana Mahungela ubhekene necala lokuthumba, ukuphanga kanye nokubulala kwakhe.
Uphika wonke amacala abekwe wona.
UMahungela uthi amaphoyisa abambe umuntu okungeyena futhi uthi yena wathola kuphela isidumbu sikaKluyts.
Uhulumeni uphikisana nalokho ngokuthi okuqoshiwe kuma-CCTV kukhombisa ukuthi wayeseduze nendawo yesigameko egqoke i-T-shirt kaKluyts ngemuva kokuhlaselwa kwakhe.
Icala liyaqhubeka njengoba inkantolo ilalele ubufakazi obengeziwe obuvela kofakazi.
Esithombeni esingenhla: Amacala amaningi abucayi obugebengu, okuhlanganisa namacala okubulala kanye nesicelo sokudlulisa icala lebheyili, abuyele ezinkantolo zaseGauteng namuhla.
Umthombo wesithombe: Ifayela
