Inhloko yophiko lokulwa nenkohlakalo isisulile emsebenzini ngemuva kokubuzwa imibuzo enzima iKhomishini kaMadlanga

Lubhalwe nguPalesa Matlala

U-Advocate Andrea Johnson usule ngokushesha ngemuva kokusho ukuthi umsindo omayelana naye ubuphazamisa umsebenzi futhi ulimaza i-IDAC kanye neNational Prosecuting Authority (NPA).

Ukwesula kukaJohnson kulandela isonto lokuhlolisiswa kwemisebenzi yakhe iKhomishini yoPhenyo kaMadlanga, lapho avuma khona amaphutha kweminye imisebenzi yophenyo yophiko futhi ebhekene nezikhalazo mayelana nokuziphatha kwakhe.

Inhloko yophiko olukhulu lwakuleli lokulwa nenkohlakalo isisulile emsebenzini.

UMengameli uCyril Ramaphosa wamukele ukwesula ngokushesha kuka-Advocate Andrea Johnson njengenhloko ye-IDAC.

Ihhovisi likaMengameli liqinisekise ngoMsombuluko ukuthi uJohnson ushiye isikhundla sakhe ngokushesha.

Okhulumela uMengameli, uVincent Magwenya, uthe uRamaphosa uvume isicelo sakhe ngemuva kokuba sinconywe nguNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, uMmamoloko Kubayi, futhi sisekelwa yiNhloko Kazwelonke Yezokushushiswa Kwamacala, u-Advocate Jan Lekgoa “Andy” Mothibi.

UMengameli ubonge uJohnson ngeminyaka yakhe yokusebenzela i-NPA futhi wamfisela okuhle kodwa.

Uphinde wathi uhulumeni uzimisele ukuqhubeka nokusekela umzamo wokulwa nobugebengu nenkohlakalo.

Ukwesula kukaJohnson kuza ngemuva kwamasonto amaningi kukhula ingcindezi mayelana nobuholi bakhe e-IDAC.

Encwadini yakhe yokwesula, uthe izinyanga ezinhlanu ezedlule kube yizo ezinzima kakhulu emsebenzini wakhe.

Uthe ukuhlaselwa kwakhe ngokomsebenzi, kuhehe ukunakwa okubi okwakulimaza i-IDAC kanye ne-NPA.

“Angikwazi ukuba yimbangela yokunakwa okubi okungaka kanye nobungozi bokulimala kwesithunzi se-IDAC ne-NPA,” kubhala yena.

UJohnson uthe usakholelwa emsebenzini wophiko lokulwa nenkohlakalo kodwa uzwe sengathi ukushiya isikhundla bekuyisinqumo engcono kakhulu.

Ucele ukuthi kungalandelwa inqubo yezinyanga ezintathu zesaziso sokushiya umsebenzi ukuze akwazi ukuhamba ngokushesha.

UJohnson uphinde waveza ukuthi wayesevele efake isicelo sokuthatha umhlalaphansi ngemuva kokusebenzela i-NPA iminyaka ecishe ibe ngu-30.

Uthe wayesaba ukuthi inqubo ende ephathelene nekusasa lakhe yayizoba olunye uhlobo lokuphazamisa umsebenzi. Usule esikhundleni sakhe ngemuva kokwethula ubufakazi obunzima phambi kweKhomishini yoPhenyo kaMadlanga.

Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe, wavuma ukuthi ezinye zezitatimende zakhe zangaphambilini zazingalungile.

Wahoxisa isitatimende sakhe sokuthi uBrigadier Dineo Mokwele wayeqokwe nje “ukuze kube khona umuntu” (token appointment), ngemuva kokuvuma ukuthi wayengazibhekanga iziqu zikaMokwele ngaphambi kokwenza lowo mbono.

UJohnson wavuma futhi ukuthi i-IDAC yayingenalo igunya elisemthethweni lokuphenya uLieutenant General Dumisani Khumalo odabaneni olulodwa.

Waphinde wavuma ukuthi le yunithi bekungafanele icele amalungu omphakathi ukuthi alethe izikhalazo ukuze kuqalwe olunye lwezinhlelo zayo zokuphenya.

Ngemuva kobufakazi bakhe, iHhovisi leJaji Elibhekelele i-IDAC (IDAC Oversight Judge) laqinisekisa ukuthi selithole izikhalazo ezisemthethweni ezimayelana noJohnson.

Leli hhovisi lithe lezi zikhalazo azisho ukuthi unecala lokwenza okungalungile, kodwa zizoba yingxenye yophenyo lwalo.

Ingcindezi yanda kakhulu lapho i-Public Interest SA kanye noBrigadier Mokwele befaka izikhalazo ezihlukene kwi-Legal Practice Council kanye naku-IDAC Ombud, becela ukuthi kuphenywe ngokuziphatha kukaJohnson.

Iyini i-IDAC?
UMnyango Ophenya Inkohlakalo yiyunithi ekhethekile engaphansi koMnyango Wezokushushisa Kazwelonke.

Yasungulwa ngo-2024 ukuze iphenye futhi ishushise amacala anzima enkohlakalo athinta izikhulu zikahulumeni, ubugebengu obuhleliwe kanye nobugebengu obukhulu bezimali.

Le yunithi idlala indima ebalulekile ekusizeni iNingizimu Afrika ukuqinisa umzamo wayo wokulwa nenkohlakalo nokuthuthukisa isimo sayo phambi kwe-Financial Action Task Force, okuyinhlangano yamazwe ngamazwe eqapha imizamo yamazwe yokuvimbela ukushushumbiswa kwemali kanye nenkohlakalo.

UJohnson uthe ukuvikela isithunzi se-IDAC kanye ne-National Prosecuting Authority kubaluleke kakhulu kunokuthi yena aqhubeke nokuba sesikhundleni sakhe.

Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa wamukele ukwesula ngokushesha kwenhloko ye-Investigating Directorate Against Corruption, u-Advocate Andrea Johnson.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva