IGauteng iqedele ukuhlinzwa kwabantu abangaphezu kuka-1,000 kanti iziguli ezingu-1,857 zisasalindile

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

Izibhedlela zikahulumeni eGauteng ziqedele ukuhlinzwa nezinqubo zokwelapha zabantu abangu-1,074 kwabangu-1,326 abebehlelelwe ukuba bahlinzwe ngaphambi komhlaka-22 kuNtulikazi, njengengxenye yomkhankaso i-Mandela Month Surgical Marathon.

Uhlelo lomnyango olubizwa nge-Treatment Time Guarantee (Isiqinisekiso Sesikhathi Sokwelashwa) lukhombisa ukuthi iziguli ezingu-1,857 sezilinde isikhathi eside kunaleso esibekelwe ukuthi bazohlinzwa ngaso.

Izibhedlela zikahulumeni eGauteng ziqedele ukuhlinzwa nezinqubo zokwelapha zabantu abangu-1,074 kule nyanga, zisondela enanini eliqondiwe elingu-1,326 okumele lifinyelelwe ngomhlaka-31 kuNtulikazi. Lesi sibalo sehlukile ohlelweni olukhulu lwesifundazwe i-Treatment Time Guarantee (TTG), oluqapha wonke amacala okuhlinzwa eGauteng futhi olukhombisa ukuthi iziguli ezingu-1,857 sezilinde isikhathi eside kakhulu.

Isibalo sabangu-1,074 siphuma emkhankasweni woMnyango Wezempilo eGauteng obizwa nge-Mandela Month Surgical Marathon, oqhubeka kusukela ngomhlaka-11 kuya kumhlaka-31 kuNtulikazi. Isibalo esingu-1,857 siphuma ohlelweni oluhlukile oluqhubekayo oluhlanganisa wonke amacala okuhlinzwa esifundazweni, hhayi nje umkhankaso wale nyanga.

Uhlelo lwe-TTG luqapha ukuhlinzwa okungu-20,386 kuso sonke isifundazwe. Kulokho kuhlinzwa iziguli ezingu-11,178 sezihlelelwe ukuhlinzwa, kanti ezingu-9,208 zisadinga ukuhlolwa ngaphambi kokuba kuqinisekiswe ukuthi ziyakudinga yini ukuhlinzwa. Umnyango unquma ukuthi ukwelashwa kususelwa ekutheni isimo sesiguli sibucayi kangakanani, hhayi nje ngokuthi silinde isikhathi esingakanani.

Umnyango uthe iziguli ezingu-1,857 kulawa macala sezilinde isikhathi eside kunaleso esivunyelwe futhi manje sezibekwa eqhulwini ukuze kuncishiswe inqwaba yamacala asalindile. Uhlu lwakudala lweziguli ezilindile olwalubhalwa ephepheni nalo seludluliselwa ohlelweni lwe-TTG.

Ukuze kusheshiswe izinto, izibhedlela zinciphisa ukuhoxiswa kokuhlinzwa, zihlela ukuhlinzwa okwengeziwe ngezimpelasonto nangemva kwamahora omsebenzi, futhi zidlulisela ezinye iziguli ezibhedlela zesifunda nezama-district. Ukulinda isikhathi eside kunemiphumela emibi kubantu abadinga ukwelashwa. UVirginia Zondi, oneminyaka engu-75, wase-Orange Farm, walinda iminyaka emithathu ukuthi ahlinzwe idolo ngemuva kokuba isibhedlela iChris Hani Baragwanath simdlulisele esibhedlela iCharlotte Maxeke ngo-2019. Ngesikhathi egcina ebizelwe ukuhlinzwa ngo-2022, wakhetha ukungahlinzwa.

“Bengilinde isikhathi eside kakhulu. Ngazizwa sengikhulile kakhulu futhi nginengane engihlala nayo. Bekungekho muntu ozongisiza ngemuva kokuhlinzwa,” kusho yena.

UZondi uthe izibhedlela zikahulumeni zidinga odokotela abengeziwe eminyangweni yokuhlinza ukuze iziguli zingalindi iminyaka yonke zisezinhlungwini.

“Uma abantu begula abakwazi ukuqhubeka nokuphila nobuhlungu ngenkathi belinde ukuhlinzwa,” kusho yena.

Esithombeni esingenhla: Ithimba lodokotela abahlinzayo besebenza njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokunciphisa inqwaba yeziguli ezilinde ukuhlinzwa eGauteng.

Umthombo wesithombe: UMnyango Wezempilo eGauteng

Izihloko zakamuva