Ezepolitiki

Kundize izagila phakathi kwabe-ANC nabe-IFP kuvela iMeya uNgwezi enkantolo

Bucishe bachitheka bugayiwe ecaleni elibhekene neMeya yaseMhlathuze ngesikhathi amalunga e-ANC nawe-IFP esho ukuqedana ngezagila ngaphandle kwenkantolo yaseRichardsbay.

Ushaye ibuya sekuvalwe amehlo uBheki Mtolo esigungwini se-ANC eKZN

OwayenguNobhala kaKhongolose KwaZulu-Natal usinde sekuvalwe amehlo kwizembe likaNobhala-Jikelele walo mbutho uMnuz Fikile Mbalula ngesikhathi kumenyezelwa isigungu esisha sesikhashana se-ANC eKZN.

Izindaba ezifingqiwe zaseKZN: I-SACP ishaye indiva umbuthano woSuku lweNkululeko we-ANC eNanda

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.

Ezepolitiki: Izinqumo zikaMengameli zizolungisa inkohlakalo egcwele embuthweni wamaphoyisa

UMengameli uCyril Ramaphosa ubenendawo encane yokusingatha umbango wezikhundla oshubile ngaphakathi kombutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, kubhala uZukile Majova kwi-Real Politics.

ISilo samaZulu siyalweseka ukhetho ngemuva kokuthi abaholi besabise ngokuduba ukuvota

IKhomishana yoKhetho ihlangane neSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini ukudingida izinsongo zabaholi bendabuko abafuna ukuvimba abantu ukuthi bavote okhethweni lwasekhaya.

Izindaba zaseKZN: Ukuhlukana phakathi kwe-IFP kusize i-ANC yanqoba emkhandlwini wasoPhongolo

I-NFP ne-DA bazwakalise ukukhathazeka ngoqhekeko oluku-IFP abathi ludala ukuntengantenga kwezombusazwe kanye nasekubuseni umasipala wasoPhongolo enyakatho neKZN.

UMalema uyazichanasela ngaphandle njengoba esalinde ukulwisana nesigwebo sakhe

UJulius Malema uthole isigwebo seminyaka emihlanu ebhadla ejele ngokuqhumisa isibhamu kodwa uzigodukele ekhululekile ngoLwesine ngesikhathi edlulisa icala lakhe.

Inkantolo igwebe uJulius Malema iminyaka emihlanu ebhadla ejele

Inkantolo igwebe uJulius Malema iminyaka emihlanu ebhadla ejele ngokuqhumisa isibhamu emoyeni ngokungemthetho emcimbini wokugubha usuku lwe-EFF.

Bakhohlwe izinkinga ezibaxakile osopolitiki bedumisa ekhonsathini yeThe Zulu Kingdom Choir

Bakhohlwe izinkinga zombusazwe osopolitiki baKwaZulu-Natal ngenxa yendumiso ebivutha ekhonsathini yeSongs and Hymns ebiseThekwini ngempelasonto.

UJulius Malema ubhekene neminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lesibhamu

I-Economic Freedom Fighters izobamba umlindelo ngoLwesibili ebusuku ngaphambi kokuthi uJulius Malema aye enkantolo eyolalela isigwebo sakhe sokuqhumisa isibhamu.

Recent articles