UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.
OPhongolo: I-NFP ne-DA bazwakalise ukukhathazeka ngoqhekeko oluku-IFP abathi ludala ukuntengantenga kwezombusazwe kanye nasekubuseni umasipala wasoPhongolo enyakatho neKZN. Ukukhathazeka kwabo kuza ngemuva kokhetho obelungalindelekile lukaSomlomo we-ANC, uMnuz Moureen Nxumalo, ngoLwesibili, nolwenzeke ngemuva kokuthi amakhansela ayisishiyagalombili e-IFP enqume ukuwuziba lo mhlangano womkhandlu. UMnuz Siphamandla Ntombela we-NFP eZululand uthe kuyakhathaza ukungabuseki kukaMasipala wasoPhongolo ngoba kuthinta noMasipala waseZululand. UNtombela usola ukuthi izingxabano ezikulo masipala zidalwe ukuqokwa kweMenenja kaMasipala uMtonjani Khali, amanye amakhansela e-IFP aphikisana nayo ekubeni amanye esebenzisana nayo. Ngakolunye uhlangothi i-ANC esifundeni uMzala Nxumalo ngaphansi kwesifunda iZululand ihalalisele ukukhethwa kukaNxumalo yathi ukukhethwa kwakhe kuyintando yabantu basoPhongolo ukuze abasindise obishini olungaphakathi ku-IFP.
EDurban: IDemocratic Alliance isibhalele ibamba likaMqondisi eMnyangweni wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnuz Sibusiso Vilane, icela kungenelelwe ngokushesha kusizwe izakhamizi zaseNtshongweni, ku-Ward 7, osekuphele iminyaka eyisishiyagalombili zingawatholi ngendlela amanzi. UKhansela uThobile Ntuli uthe akwamukelekile ukuthi eNingizimu Afrika yentando yeningi imiphakathi iphoqeleke ukuthi iphile isikhathi eside kangaka ngaphandle kwamanzi. “Izakhamizi zithwale kanzima iminyaka zithembele kwezinye izindlela ezibhedayo nezingagculisi ekubeni umasipala wehlulekile ukuletha isixazululo. Lokhu kwehluleka kudala ukuhlukumezeka kwesithunzi sabahlali kanye namalungelo ayisisekelo futhi kuqubula imibuzo enzima mayelana nokuzibophezela kukamasipala ekulethweni kwezidingo kubantu ngokulingana,” kusho uNtuli.
EDurban: IPhini likaNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, u-Peace Mabe, uhalalisele bonke abawinile, abaqokiwe nabangenele umklomelo weKwaZulu-Natal Sports Awards ka-2026, obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo. UMabe uthe igalelo lezemidlalo laKwaZulu-Natal eminyakeni edlule libambe iqhaza elibonakalayo ekwakheni ezemidlalo zaseNingizimu Afrika. Isifundazwe sisaqhubeka nokukhiqiza abasubathi abaqhudelana ezingeni lesifundazwe, likazwelonke kanye nelamazwe ngamazwe, njalo siqinisa isikhundla saso sokubamba iqhaza elibalulekile kwezemidlalo eNingizimu Afrika. “Lesi yisikhathi esidinga ukuthi kuqhubeke ukweseka nobumbano. Abasubathi baKwaZulu-Natal bamele isifundazwe nezwe emazingeni ahlukene ezemidlalo. Impumelelo yabo ngeyesizwe, siyabeseka ngokugcwele njengoba beqhubeka nokwenza kahle,” kusho uMabe.
Esithombeni esingenhla: USomlomo osanda kukhethwa kuMasipala wasoPhongolo uMnuz Maureen Nxumalo we-ANC ngemuva kokuthi amakhansela ayisishiyagalombili e-IFP enqume ukuwuziba umhlangano womkhandlu.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
