Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UVusimuzi ‘Cat’ Matlala uqinisekisile enkantolo ukuthi uyahoxisa esivumelwaneni sakhe sokuvuma icala asebenzisane nombuso.
Udaba luhlehliselwe umhlaka-11 kuMandulo ka-2026, kanti uMatlala usagcinwe esitokisini okwamanje.
UVusimuzi “Cat” Matlala uhoxile ngokusemthethweni esivumelwaneni sakhe sokuvuma icala. Izinkampani zakhe ezimbili asolwa nazo zihoxile eceleni kwakhe.
Imantshi yabuza uMatlala ngqo, ngommeli wayo, ukuthi ngabe uyenqaba yini ukwamukela isigwebo esibekwe inkantolo futhi ikhetha ukuhoxisa esivumelwaneni. UMatlala ukuqinisekisile lokhu ngokwakhe enkantolo.
Abasolwa naye ababili, ababizwa ngokuthi u-accused two and three, nabo baqinisekisile okufanayo.
Ngalokho, imantshi yamemezela isivumelwano sokuvuma icala nokwahlulela ukuthi asisebenzi. Udaba luhlehliselwe umhlaka-11 kuMandulo ka-2026, ukuze kunikezwe abashushisi kanye nabammeli isikhathi sokunquma ukuthi bazoqhubeka kanjani njengoba isivumelwano sesiphelile. UMatlala uzohlala esitokisini kuze kube yileso sikhathi.
UMsombuluko ngomhlaka-13 kuNtulikazi, wawungumhla wokugcina owabekwa yimantshi u-Ignatius du Preez ukuthi uMatlala kanye nombuso banqume ukuthi bayasamukela yini isigwebo seminyaka engu-12 esibuyekeziwe, ngemuva kokuba uDu Preez enqabe isivumelwano sabo sokuqala seminyaka eyisishiyagalombili esisebenzayo ngomhlaka-1 kuNtulikazi. UDu Preez uthole isigwebo esifushane silula kakhulu uma kuqhathaniswa nobunzima bobugebengu bukaMatlala.
UMatlala uvumile icala ngomhlaka-25 kuNhlangulana ngamacala ayisikhombisa okukhwabanisa, inkohlakalo kanye nokuhlanzwa kwemali, okuhlobene nethenda ye-SAPS engu-R360 million eyanikezwa inkampani yakhe, iMedicare24 Tshwane District. Ngaphansi kwesivumelwano sakhe sokuqala, wavuma ukufakaza ngokumelene namaphoyisa aphezulu asolwa kanye naye, ukuze athole isigwebo esilula.
Njengoba isivumelwano sokuvuma manje sesingasebenzi, iNational Prosecuting Authority ithe ngeke ikwazi ukusebenzisa isitatimende sikaMatlala esifaka abanye abasolwa icala. Udaba manje luyaqhubeka nokuqulwa kwecala eliphelele, lapho abashushisi bethembele kuphela ebufakazini obuqoqwe ngokuzimela.
Esithombeni esingenhla: UCat Matlala eNkantolo
Umthombo wesithombe:Sithunyelwe
