Ezepolitiki

Ishawe yanaba esibayeni sayo iNFP iphucwa iwadi okhethweni lakwaNongoma

I-NFP ishawe esibayeni sayo okhethweni lokuchibiyela laku-ward 17 kwaNongoma njengoba iphucwe iwadi i-IFP ngoLwesithathu ebusuku.

I-DA ithi unyaka ka-2026 wunyaka wokusebenza e-Eastern Cape

IDemocratic Alliance ithi uNdunankulu u-Oscar Mabuyane kumele abhekane namaqiniso uma ethula Inkulumo Yesifundazwe eBhisho ngoLwesine.

Umholi weDA uthi uKhongolose akavele akhohlwe ukuthi uyobusa iTheku kuze kubuye uJesu

Umholi wekhokhasi yeDA kumasipala weTheku uthi siphelile isikhathi sikaKhongolose sokuthi uyobusa kuze kubuye ujesu kuleli dolobha ngenxa yokuhlulwa inkinga yamanzi.

UMholi we-ActionSA ukhala ngabantu bakwaNongoma abenza amaqembu izilima bese bevotela Inkatha

Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal ukhala ngabantu bakwaNongoma abasola ngokwenza izilima amaqembu ezepolitiki uma kuza ukhetho ngokugcwalisa imicimbi yawo ,bathathe nezikibha bese beyovotela i-IFP.

UZuma ugadle kuRamaphosa kwaNongoma embiza ngomfana ozenza umlungu

Umholi woMkhonto weSizwe Party uMnuz Jacob Zuma utshele abantu bakwaNongoma ukuthi bangazixaki ngokuthemba uMengameli uCyril Ramaphosa ngoba ungumfana wabelungu.

Izindaba zase-KZN ezifingqiwe. Inkantolo ivimbe ingqungquthela ye-Team Sugar ngomzuzu wokugcina

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.

OweTeam Sugar SA uthwelwe ngeqoma ekuholeni leli qembu

Iphini le Meya yaseNewcastle, KwaZulu-Natal elisanda kuqokwa nelingene esikhundleni ebesiphethwe usbali walo, lithwelwe ngeqoma ekutheni lihole iqembu iTeam Sugar South Afrika.

Ezepolitiki: Impi yobuhlanga ingayihlakaza iyiqede i-Democratic Alliance

I-Democratic Alliance ibhekene nosongo olukhulayo ezindaweni ezizinze eWestern Cape njengoba ipolitiki yobuhlanga ilungisa kabusha inkundla yempi ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026, kubhala uZukile Majova kwi-Real Politics.

Recent articles