UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.
EMayville: USomlomo wesiShayamthetho saseKZN unethemba lokuthi amalungu amaqembu ezepolitiki azokuhlonipha ukuvulwa ngokusemthethweni kwesiShayamthetho yiSilo samaZulu ukuze kugwenywe izinxushunxushu ezenzeke ngesikhathi kuvotwa ukungabethembi ubuholi bukaNdunankulu uThami Ntuli.
USomlomo uNontembeko Boyce ukusho lokhu ngesikhathi ememezela isimo sokumi ngomumo esithangamini nabezindaba ebesibanjwe ngoLwesibili eMayville, eThekwini. Uthe Ukuvulwa Ngokusemthethweni kwalo nyaka kweseshini yesithathu yethemu yesikhombisa kubizwe ngaphansi kwesiqubulo esithi:
“Advancing Service Delivery that Makes Meaningful Impact through Legislation, Oversight and Public Participation.”
“Le ngqikithi ikhombisa ukuzibophezela kwethu okuqinile njengesiShayamthetho saKwaZulu-Natali ekuqinisekiseni ukuthi izibopho zethu zomthethosisekelo ziguqulela ekuthuthukisweni okubonakalayo ezimpilweni zabantu besifundazwe sethu. wathi.
Lo mcimbi uzokuba ngoLwesine eWoodburn Stadium eMgungundlovu.
ENtuzuma: INkantolo yesiFunda eNtuzuma igwebe amadoda amabili, uSthembele Nongqakanga (27) noJan Sinqina (21) udilikajele umuntu ngamunye ngecala lokubulala uLebohang Mabuya (23). Isigameko sokubulala senzeka ngoNhlaba ka-2024 endaweni yase-Etafuleni eNanda, enyakatho yeTheku. Abasolwa babaziwa uLebohang, njengoba behlala eduze futhi ngezinye izikhathi babehlangana ndawonye.
Ngomhla@–28 kuNhlaba ka-2024, abasolwa babehamba emgwaqeni endaweni ngesikhathi behlangana noLebohang. Emuva kokuhilizisana, bambulala bamshiya edindilizile emgwaqeni ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko. Abasolwa ngokuhamba kwesikhathi bazivumele kofakazi bombuso ngabakwenzile. Omunye wofakazi wabikela umndeni ngodaba wabe esekhomba bobabili abasolwa emaphoyiseni, kwaholela ekutheni baboshwe.
Edendale: Abasolwa ababili okukholakala ukuthi bayingxenye yeqembu eligebenga imoto yemali eVerulam ngoMsombuluko ngomhlaka-23 kuNhlolanja ka-2026, badutshulwa babulawa ngesikhathi bedubulana namaphoyisa endaweni yaseNhlazatshe eShayamoya, e-Edendale, ezintatha zangoLwesibili ngomhlaka-24 kuNhlolanja ka-2026.
NgoMsombuluko ntambama abasolwa abangu-12 bagebenga imoto yemali ekhoneni lomgwaqo uJabu Ngcobo noFairview eVerulam. Abasolwa bamise imoto ethwala imali base bephuca onogada izibhamu ezintathu ngaphambi kokuba babaleke nesamba semali esingadalulwanga. Ngemuva kwamabili ngoLwesibili, amaphoyisa aqoqe ezobunhloli athola ukuthi abanye abasolwa ababandakanyeka esigamekweni sokugebenga imali yemoto yaseVerulam bebecashe e-Edendale.
Esithombeni esingenhla: USomlomo wesiShayamthetho sase-KZN uNontembeko Boyce kanye noNobhala wesiShayamthetho, uNerusha Naidoo, bexoxa nabezindaba ngaphambi Kokuvulwa KwesiShayamthetho saKwaZulu-Natali.
Umthombo wesithombe: UCelani Sikhakhane
