Ikhwelo lokuba kuqeqeshwe oNdlunkulu ngokuziphatha

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

EZASEBUKHOSINI: ObenguNdlunkulu wesizwe sabaThembu uthi sekuyisikhathi sokuba ungqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosinmi Hlabisa asungule isikhungo okuzoqeqeshwa kuso oNdlunkulu bamakhosi ukuze bayazi indlela yokuziphatha nokuvikela isihlalo.

UDkt Nolubabalo Mcinga wesizwe samaNgxongo ukusho lokhu ngemumva kokuba uNdlunkulu weSilo uMisuzulu kaZwelithini, okungunoMzamo kaMyeni wasegodlo saseMachobeni eqophe iNgonyama izidlele futhi ixabana naye maqede leyo nkulumo yasabalala ezinkundleni zokuxhumana kwashaqeka isizwe sonkana.

Le nkulumo ayigcinanga nje ngokubeka kabi isilo emehlweni omphakathi nokusilulaza kodwa abanye basole okaMyeni ngokungasivikeli iSilo ngakwenzile.

UDkt Mcinga yena uthi izinto ezinjengalezi bezingagwemeka ukube oNdlunkulu bamakhosi bayiswa esikhungweni thizeni ukuze bafunde indlela yokuziphatha kwaseNdlunkulu ukuthi akufani nokwempilo ejwayelekile.

“Uma unguNdlunkulu we silo usuke ungaganile nje indoda oyithandayo kuphela kodwa usuke ugane isizwe sonke nesihlalo uqobo okuyizinto lezo okumele uzivikele ngisho sekunzima kangakanani. Mina ngiyabazi ubunzima bokugana eNdlunkulu ngoba uyazikhohlwa ukuba nguwe kodwa ubhekane ngqo nesihlalo nesizwe ngoba nabo basuke bebheke wena njengomama wesizwe ukuba ubafukamele uphinde ubavikele emahlazweni noma ngabe imaphi,” usho kanje.

Nokho ukhala ngokuthi sekuphele unyaka nezinyanga eziyisithupha ecela kuNgqongqoshe uHlabisa ukuba kusungulwe isikhungo sokuqeqesha oNdlunkulu nabantwana basebukhosini ukuze bakwazi ukuziphatha ngokwezigaba zabo zesihlalo.

Phambilini ukewakuveza ukuthi kunesimo lapho iKumkani uBuyelekhaya Dalidyebo ibisishuthwa kusatshalaliswe amavidiyo ayo ezinkundleni zokuxhumana bese iphenduka ihlaya emphakathini. Uthi njengoNdlunkulu, wawunqanda lo mkhuba ngoba efuna ukubuyisa isithunzi sesihlalo sabaThembu.

Ukusho lokhu nje uSolwazi Vusi Shongwe ongasekho nowasebenza kakhulu noMdlokombane, wakewakhala ngokuthi abanye abantwana baseNdlunkulu indlela abaziphatha ngayo iyadinga ukuba kubenesikhungo sokuba bafakwe kuso ukuze bafunde kabanzi ngempilo yokuba ngowasebukhosini nokuthi uziphatha kanjani.

UShongwe wayebalisa ngokuthi abanye batholakala bedle amanzi amponjwana esidlangalaleni, bengasazazi nokuthi bangobani ekubeni beyisibuko sesihlalo nesizwe sonkana.

Nokho lo mkhuba wokungaziphatha kahle kweminye imindeni yamakhosi akwenzeki eNingizimu Afrika kuphela kodwa nasemazweni angaphandle kukhalwa esifanayo. Ebukhosini bamaNgisi nakhona kunamalunga emindeni yakhona ahlale ehebezwa ngapha nangapha ngenxa yokuhluleka ukuziphatha nokuhlonipha isihlalo.

UMntwana uHarry usezewaphuma waduba ikhaya noNdlunkulu wakhe waseMelika uMergan Markle obengahishelani nhlobo nabazali basemzini.

Nasebukhosini baseMonaco nakhona kunamahlazo akhona njengoba uMntwana u-Albert oyiNkosi yesizwe kuvele ihlazo ekugcineni ukuthi unendodana endala ayizala entombini yasetogo eyayisebenza ezindizeni.

Lendodana igama layo u-Alexander Grimaldi ugcine eziveza yena kodwa uyise wamamukela, wabe esememezela ukuthi akazoba indlalifa yesihlalo ngoba uzalwa ngaphandle yize emdala ezinganeni zakhe.

Izihloko zakamuva