ISilo samaZulu siyalweseka ukhetho ngemuva kokuthi abaholi besabise ngokuduba ukuvota

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abaholi bomdabu KwaZulu-Natal bafuna abantu baludube ukhetho ngoba uhulumeni ukweleta izinduna imali engaphezu kuka-R2-billion.

IKhomishana ezimele yoKhetho ihlangane neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini oPhongolo ngoLwesibili lapho izokhuluma khona mayelana nabavoti abaphelelwa ukwethemba uhulumeni.

Abaholi bomdabu KwaZulu-Natal basabisa ngokuvimba imiphakathi yabo ukuthi ivote okhethweni lohulumeni basekhaya.

Laba baholi badinwe bagane unwabu ngoba uhulumeni wesifundazwe ukweleta izinduna imali engaphezu kuka-R2-billion yamiholo engakhokhiwe.

Le ntukuthelo isiholele ekutheni kube nezinsongo ezibhekiswe kubasebenzi beKhomishini ezimele yoKhetho (IEC) ezigodini eziningi zasemakhaya esifundazweni.

NgoLwesibili abaphathi be-IEC baye esigodlweni saseMashobeni oPhongolo enyakatho yeKwaZulu-Natal beyohlangana neSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini.

Isikhulu esiphezulu se-IEC uSy Mamabolo nosihlalo uMosotho Moepya bahole leli qembu.

Batshele iSilo uMisuzulu ukuthi abantu baKwaZulu-Natal abasamethembi uhulumeni. ISilo sibamukele futhi sayeseka i-IEC.

Uthe abaholi bomdabu kumele balekelele ekugcineni imiphakathi ihlangane bagqugquzele abantu ukuthi bavote.

ISilo siyaweseka ngokugcwele umsebenzi weKhomishini yoKhetho, kusho ihhovisi laso elizimele.

Bathe iSilo sifuna ukuthi bonke abantu abadala, ikakhulukazi intsha, babhalisele ukuvota ngokuthula.

Esithombeni esingenhla: Ubuholi obuphezulu beKhomishana Yokhetho Ezimele buhlangane neSilo uMisuzulu kaZwelithini eSigodlweni saseMashobeni ukuyomazisa ngokhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.

Umthombo wesithombe: Zulu Royal Kingdom

Izihloko zakamuva