UJulius Malema ubhekene neminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lesibhamu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UJulius Malema uzovela eNkantolo yeMantshi yase-East London kuleli sonto ezolalela isigwebo sakhe ngokuqhumisa isibhamu.

Umbuso ufuna uJulius Malema agwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngokuqhumisa isibhamu kuhlangene umphakathi ngo-2018.

I-Economic Freedom Fighters izoba nomlindelo enkundleni yezemidlalo iJan Smuts eKuGompo ngoLwesibili ebusuku.

Lo mcimbi uza ngaphambi kosuku lokubuyela kukaJulius Malema eNkantolo yeMantshi yase-East London.

UMalema uzobe esenkantolo ngomhlaka-15 no-16 kuMbasa kuzolalelwa izinhlangothi zombili  ngaphambi kokugwetshwa kwakhe.

Lokhu kulandela ukugwetshwa kwakhe ngokuba nesibhamu esingekho emthethweni kanye nokuqhumisa isibhamu phambi kwabantu.

La macala avela ngesikhathi kuhlangene umphakathi ngo-2018 eMdantsane lapho aqhumisa khona isibhamu.

Ubhekene nesigwebo esingaba iminyaka engu-15 ejele. Inkantolo inganikeza isigwebo esilula uma kunezimo eziphoqayo.

Uma egwetshwa izinyanga ezingaphezu kwezingu-12 ngaphandle kokukhetha ukukhokha inhlawulo, angase alahlekelwe yisihlalo sakhe ePhalamende.

Iqembu lithi leli cala linenhlese yepolitiki.

Ngesonto eledlule, iqembu lathi umbuso ufuna isigwebo seminyaka engu-15 esiphelele.

“Umbuso ufuna ukungiqumba phansi, ufuna isigwebo seminyaka engu-15 ejele futhi sizilungiselele ngokusemthethweni. Sizobona ngesonto elizayo kodwa bona bazimisele,” kusho uMalema.

Uthe ithimba labameli bakhe selikulungele ukulidlulisa icala ngemuva kokubona izimpikiswano zombuso.

“Sesishilo ukuthi sizofuna ukuthi sibuyekezwe isinqumo, kuyabonakala ukuthi kukhona umuntu owenza konke okusemandleni akhe ukungifaka ejele. Ngakho-ke anginankinga nalokho,” usho kanje.

Uthe bazoqhubeka nokulwa nalolu daba ngomthetho.

Phambilini uMalema ubekwe icala nowayengunogada wakhe, u-Adriaan Snyman. USnyman ubesolwa ngokukhipha isibhamu esisetshenziswe kulesi sigameko.

Amacala ayebekwe wona ahoxisiwe ngenxa yokushoda kobufakazi.

Inkantolo kulindeleke ukuthi ilalele izingxoxo zezinhlangothi zombili ngaphambi kokuthatha isinqumo ngesigwebo.

Isithombe esingenhla: Abalandeli be-EFF babuthane eKuGompo ngaphambi kokuvela enkantolo kukaJulius Malema mayelana nokutholwa enecala lesibhamu ngoMasingana.

Umthombo wesithombe: Economic Freedom Fighters

Izihloko zakamuva