Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Bucishe bachitheka bugayiwe ecaleni elibhekene neMeya yaseMhlathuze ngesikhathi amalunga e-ANC nawe-IFP esho ukuqedana ngezagila ngaphandle kwenkantolo yaseRichardsbay.
Lokhu kwenzeke ngoLwesine ngesikhathi amalunga aleli qembu ebanga useyili kaKhongolose obuphanyekwe kwenkantolo nobubhalwe ukuthi uMeya waseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi ukhohlakele.
Lo mbhalo ucasule amalunga e-IFP abedinwe eveva axabana nawe-ANC kwasikazwana nagezagila.
Abe-IFP bebefuna kususwe lo seyili kodwa abakaKhongolose bebegoloza bethi awuyindawo.
Yilapho kusuke khona isidumo sekuliwa abesifazane nabesilisa ,kuthukwana nangezinhlamba,kundiza nezagila emoyeni.
Kuleli cala uNgwezi usolwa ngokuthuka ilunga likaKhongolose uMnuz Phiwe Mhlongo nosomabhizinisi uMnuz Cyril Paton ebabiza ngezikhohlakali namabhantinti.
Leli cala iMantshi uDP Mhlongo ilihlehlisele umhlaka-27 kuNhlaba ukuze ikhiphe isinqumo.
“Ngizokudedela ngesexwayiso kodwa ngikudinga lapha eNkantolo ekuseni ngehora lesishiyagalombili (8) ngomhlaka-27 kuNhlaba.Isizathu salokhu ukuthi leli cala lidinga ukuba kubhekwane nalo lodwa ,kungabibikho amanye amacala aliphazamisayo, ngakho usuku esilutholile yilolu lwangomhlaka-27 ngenyanga ezayo. Nomangalelwa simazisile wangaba nayo inkinga,” kusho iMantshi uMhlongo.
UNkk Thembeka Mchunu oyilunga lesigungu sesikhashana kuKhongolose KwaZulu-Natal, utshele amalunga e-ANC ngaphandle kweNkantolo ukuthi banethemba lokuthi umthetho uzodlala indawo yawo.
Uthe leli cala linzima futhi liyakhombisa ukuthi uNgwezi lizomgojela ngokuthuka uMhlongo noPaton.
Ngakolunye uhlangothi uNgwezi obekhuluma budebuduze noNkk Mchunu, utshele amalunga e-IFP ukuthi isono sakhe ukulwa nenkohlakalo ayifice kwamasipala waseMhlathuze.
