Ushaye ibuya sekuvalwe amehlo uBheki Mtolo esigungwini se-ANC eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

OwayenguNobhala kaKhongolose KwaZulu-Natal usinde sekuvalwe amehlo kwizembe likaNobhala-Jikelele walo mbutho uMnuz Fikile Mbalula ngesikhathi kumenyezelwa isigungu esisha sesikhashana se-ANC eKZN.

Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu eCoastlands Hotel, eThekwini, uMbalula ebethulela khona izinhlaka zale nhlangano izinguquko ezintsha kwisiFundazwe naseziFundeni ezingu-11 ze-ANC eKZN.

UMtolo ubuya nje, bekuminciwe njengoba sincishiswe kakhulu isigungu sesikhashana uma kuqhathaniswa naleso ebesiholwa uMnuz Jeff Radebe okhonjwe indlela.

UMtolo ubuyiswe nabanye abaholi abadala kuKhongolose eKZN okubalwa kubo oMnuz Ravi Pillay, uDkt Mike Sutcliff, uDkt Nomsa Dube-Ncube, uNksz Hlengiwe Mavimbela,uBishop Vusi Dube, uMnuz Sfiso Sonjica osengumkhulumeli, uNkk Maggie Govender, uMnuz Solomon Mkhombo, uNkk Thembeka Mchunu nabanye.

Lesi sigungu samalunga angu-44, siholwa uMnuz Mike Mabuyakhulu, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uMnuz James Nxumalo, uMnuz Siphile Mdaka noNkk Nomagugu Simelane-Mngadi.

Abangalibonanga elidlalayo kubalwa uNkk Weziwe Thusi, uMnuz Jeff Radebe, uMnuz Nhlakanipho Ntombela nabanye.

URadebe yena uphuma nje ngoba kuthiwa besekunokungaboni ngasolinye phakathi kwakhe noMabuyakhulu .

Kuthiwa lokhu kubeyimbangela yokuba bahlulwe ukwakha amagatsha kaKhongolose singakafiki isikhathi ababenekelwe sona mhla bemenyezelwa ngonyaka owedlule.

Emagatsheni ngu-900 kuthiwa bakwaze ukuvusa abalelwa ku-60 nje kuphela, selokhu babekwa ukuhola iKZN kumanje uMbalula uthi asikho isikhathi sokuhlala ngoba noNkk Helen Zille ubamise kabi ngemikhankaso yakhe yokuhambe ebhukuda emigwaqweni yaseGoli nokuyilapho afuna ukuba iMeya khona.

Izihloko zakamuva