Kubatshazwa amagalelo eSilo samaNdebele kwezeMfundo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isilo samaNdebele sichazwe njengesigagayi esizikhandle kanzima ukuba ulimi lwamaNdebele lufundiswe nasezikolweni eziningi nasemaNyuvesi.

Lokhu kuvezwe abaholi abehlukene njengoba isililo sisikhulu ngokukhothama kweSilo uMakhosonke Mabhena II .

Ingonyama ikhothame kuleli sonto ngoLwesibili ngemumva kokudunguzela isikhashana.

Nakuba isililo sisikhulu ngokukhothama kwayo kodwa kubatshazwa imisebenzi yayo nokubalwa ukulwela ulwimi lwamaNdebele ukuba lufakwe ezikolweni eziningi ikakhulukazi esiFundazweni iMpumalanga nasezingxenyeni zaseLimpopo.
Ngenxa yamagalelo akhe kuthe ngonyaka ka-2011 iNyuvesi yaseVhenda yahlonza uLimi lwesiNdebele njengoluzofundiswa ngaphakathi luphinde lusetshenziswe ekwenzeni ucwaningo nokunyo okuthinta ezemfundo nesizwe samaNdebele.

Umholi weDA uMnuz Goerdin Hill-Lewis uthe isizwe silahlekelwe kakhulu ngakukhothama kweSilo uMakhosonke wesibili.

“Udlale indima enkulu ukukhulisa isizwe samaNdebele ikakhulukazi ekuvikeleni amasiko nolimi lwalesi sizwe esinomlando ohlonishwayo eNingizimu Afrika. KwezeMfundo iNgonyama ibihlale iphambili futhi ikwazisa ukuhlonishwa kwamaNdebele njengengxenye yezinye izizwe ezikhona eNingizimu Afrika,” kusho uHill-Lewis.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthe amagalelo eNgonyama uMakhosonke wesibili ekuthuthukisweni komphakathi nakwezomnotho ayohlale ekhunjulwa nxa zonke.

Uthe isizwe eNingizimu Afrika yonkana silimele kakhulu ngokukhothama kweSilo uMakhosonke wesibili.
INgonyama ingene esihlalweni ngonyaka ka-1986 nokuze kwabamanje iyisishabasheki sentuthuko.

Ibiphinde wonke umkhandlu wamaKhosi ngaphansi koMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu.

Izihloko zakamuva