Izindaba zaseKZN ezifingqiwe: Amaphoyisa aseKZN azogijima kuComrades Marathon ukulwa neGBV

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.

EMGUNGUNDLOVU: Amaphoyisa aseNingizimu Afrika angu-83 aphuma KwaZulu-Natal azobe eyingxenye ye-99th Comrades Marathon ngeSonto. La maphoyisa azohlanganyela nezinkulungwane zabagijimi ku-87.7km ukusuka eThekwini uya eMgungundlovu. Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, u-Lieutenant General Phumelele Makhoba, lithe la maphoyisa azogijima ukukhuthaza imiphakathi ephephile nokuqwashisa abantu ngodlame nokubulawa kwabesifazane. “Njengomgijimi nami ngiyazi ukuzidela nokuzikhandla okudingekayo ukuze silungiselele umjaho wemarathon. Ngifisela wonke amaphoyisa ethu amele umbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika okuhle kodwa kuComrades Marathon ka-2026,” kusho uMakhoba.

EThekwini: Icala lokubulala umrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane lihlehliselwe umhlaka-13 kuNcwaba ka-2026 ukuze kuphothulwe ukuqulwa kwecala. INkantolo eNkulu yaseThekwini ikuqinisekisile ukuthi leli cala lizoqala ngomhlaka-5 kuMfumfu kuya ku-6 kaLwezi ku-2026. Abasolwa abayisikhombisa bavele enkantolo ngoLwesine. Laba basolwa uSiyabonga Gezani Ndimande, uMalusi uDave Ndimande, uLindokuhle Thabani Mkhwanazi, uLindani Zenzele Ndimande, uSiyanda Eddie Myeza, uMziwethemba Harvey Gwabeni noLindokuhle Lindo Ndimande. Abasolwa babhekene namacala okubalwa kuwo elokwakha itulo lokubulala, amabili okubulala, elokuzama ukubulala nahlobene nezibhamu.

EMhlathuze: IDemocratic Alliance KwaZulu-Natal ihalalisele uKhansela Muzi Mtshali ngokuqokwa kwakhe njengePhini leMeya kuMasipala waseMhlathuze eRichards Bay. UMtshali uthatha izintambo kulandela ukushona kobeyiPhini leMeya uChristo Botha. Umholi weDemocratic Alliance KwaZulu-Natal, uSithembiso Ngema, ufisele uMtshali okuhle kodwa esikhundleni sakhe esisha. “Kumele sikhumbule umbono kaChristo Botha wokwakha umasipala osiza zonke izakhamuzi. Ukuzinikela kwakhe ekunikezeni usizo kuseyisibonelo kithi sonke,” kusho uNgema.

Esithombeni esingenhla: Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Phumelele Makhoba ufisela amaphoyisa angu-83 okuhle kodwa ngaphambi kwe-99th Comrades Marathon.

Umthombo wesithombe: KwaZulu-Natal South African Police Service

Izihloko zakamuva