Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Bakhohlwe izinkinga zombusazwe osopolitiki baKwaZulu-Natal ngenxa yendumiso ebivutha ekhonsathini yeSongs and Hymns ebiseThekwini ngempelasonto.
Le khonsathi ebigabe ngabaculi abanohlenze ibiwumfuziselo wenkonzo yamazwi ayisikhombisa ebefundwa abefundisi abayisikhombisa bamahlelo ehlukene.
Phakathi kosopolitiki ababonakale begwaba kubalwa uNgqongqoshe uMbali Shinga weNFP osaxakwe izinkinga eqenjini lakhe elimshushisela ukuthi wagoloza ukuvota woMkhonto weSizwe Party ukuba kukhishwe uNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli.
Ubehambisana noNgqongqoshe wezeMpilo uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi naye ezikezamnetha emnyangweni ngenxa yezinkinga okubalwa nokungaqashwa kodokotela bese kuba uNkk Fikile Masiko oyilunga le-ANC esiShayamthetho saseKZN.
Kule khonsathi inkakha yomculo woKholo uBishop Benjamin Dube wenze ezibukwayo ngesikhathi ecula ngokuhlanganyela neThe Zulu Kingdom Choir.
Le nkakha ebibabaza ikhono eliyisimanga leThe Zulu Kingdom Choir bekungokokuqala enandisa ngokuhlanganyela naleli qembu elisungulwe ngonyaka ka-2020 uMnuz Siphiwe Bulose wakwaNyuswa eThekwini.
Le khonsathi ebizwa ngokuthi iSongs and Hymns ibibophele abaculi abanohlonze okubalwa kubo u-Ayanda Ntanzi, Nothando Hlophe, Sindi Ntombela nabanye.
UDube yena ushaye amanoni akhe amadala kwahlanya abantu ebambisene neThe Zulu Kingdom Choir baze abantu bacela impinda .
UDube ubenesikhathi sonke sokuzilolonga naleli khwaya esigodini sakwaNyuswa ngoLwesihlanu nokuyilapho etshele khona amalungu alo ukuthi banekhomo eliyisimanga.
“Kuyangijabulisa ukuthi leli khwaya linekhono eliyisimanga. Empeleni singabaseGoli siyaziqhenya ngekhono eliyisimanga eliseKZN kwezomculo. Lesi sifundazwe sibusisekile ngokuba nekhono kule ndima yezomculo,” kusho uDube.
Kuthe esenandisa nalo leli khwaya kwahlanya izihlwele ngezingoma zakhe okubalwa ethi Ngiyakuthanda Moyongcwele ayishaye abantu bavukwa umoya.
Kube sekungena u-Ayanda Ntanzi ovuse abantu isithunywa ngamanoni akhe .
Inkundla ivalwe intandokazi kwezomculo wokholo uNothando Hlophe ohlanyise izihlwele.
Le khonsathi ibibuye igabe nangamazwi ayisikhombisa ebefundwa abefundisi abehlukene bamahlelo abehambisana nezintshumayelo ezinohlonze nebezivuselela abantu abaningi.
