Lubhalwe nguPalesa Matlala
Iphoyisa likaMasipala waseGoli litshele ikhomishini ukuthi lisize isikhulu se-EMPD esimisiwe uJulius Mkhwanazi ukweba amatshe ayigugu enani elingaphezu kuka-R14 million.
UMkhwanazi ubhekene nezinsolo ezintsha zenkohlakalo, ukweba nokusebenzisa kabi amandla njengoba kuqhubeka ukunqwabelana kobufakazi ngaye.
Umphathi wamaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni osamisiwe wahlela ukweba amatshe ayigugu abiza ngaphezu kuka-R14 million ngoba efuna imali. Yilokho isithandwa sakhe sakudala esikutshele ikhomishini yophenyo kuleli sonto.
IKhomishini kaMadlanga yophenyo ngoLwesibili ilalele izinsolo zephoyisa loMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli elafakaza ngegama elithi Witness K. Litshele ikhomishini ukuthi lalinobudlelwano noJulius Mkhwanazi futhi lalivame ukumsiza ngemali uma bendawonye.
UWitness K uthe uMkhwanazi ubelokhu emcela ukheshi wagcina emphushele indlela yokuthola enye.
Wamtshela ngefulethi eliseKillarney lapho kwakugcinwa khona amatshe abalulekile. Ube esevuma ukuthi yena, uMkhwanazi nabanye abathathu ngokuhamba kwesikhathi bantshontsha amatshe bezenza amaphoyisa.
“Kwesinye isikhathi ngoMasingana noma ekuqaleni kukaNhlolanja ka-2023, uMnu Mkhwanazi waphikelela ethola imininingwane ngamatshe futhi waqhubeka engilandelela ngaze ngakwazi ukuxhumana nempimpi,” etshela ikhomishini.
Ubufakazi akuwona kuphela umonakalo owenzeke kuMkhwanazi kuleli sonto. Usomabhizinisi uMike van Wyk naye uvele phambi kwekhomishini wasola ukuthi uMkhwanazi wasebenzisa incwadi yesivumelwano somgunyathi ukuze asize amaphoyisa athole amalambu aluhlaza emotweni yakhe.
Ikhomishini iphinde yakhonjiswa ividiyo kaWhatsApp lapho uVan Wyk ebonakala ephethe isitaki semali eziphephetha ngayo.
“Sawubona Julius, ngithemba ukuthi unosuku olufudumele njengathi lapha. Ifan yami ayisebenzi lekker. Noma kunjalo, nginenye lapha. Ngicela ungitshele ukuthi sizoyisebenzisa kanjani le mali,” kusho uVan Wyk kuvidiyo.
Ikhomishini isivele isiphakamise ukuthi uMkhwanazi ahanjiswe ukuze ashushiswe futhi aqondiswe izigwegwe. Ubuyele phambi kwekhomishini namuhla, lapho kuzomele aphendule uhlu olukhulayo lwezinsolo abhekene nazo.
Esithombeni esingenhla: Isikhulu esimisiwe se-EMPD uJulius Mkhwanazi ubhekene nezinsolo ezintsha zokweba, inkohlakalo kanye nokusebenzisa kabi amandla kwiKhomishini kaMadlanga.
Umthombo wesithombe: Ifayela
