Bangaphezu kuka-13,000 abokufika asebehambile lungakafiki usuku lomhlaka-30 kuNhlangulana olwalunqunyiwe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

I-Border Management Authority ithi abaseMalawi abedlule ku-9,000 kanye nabaseZimbabwe abangu-3 000 bahambe
ngeBeitbridge izinsuku ezinhlanu ezedlule.

IMarch and March inhlangano ehambisana nemibhikisho ehlelelwe umhlaka-30 kuNhlangulana, ulindele imashi emadolobheni ezweni lonke ngoLwesibili oluzayo.

Bangaphezu kuka-13 000 abokufika asebeyifulathele iNingizimu Afrika kulezi zinsuku ezinhlanu ezedlule. Amamashi abawabalekayo awakaqali nokuqala.

I-Border Management Authority ithi abantu abangaphezu kuka-9,000 baseMalawi kanye nabaseZimbabwe abangu-300 babuyiselwe ezweni labo bahamba ngeBeitbridge Border Post izinsuku ezinhlanu ezedlule.

Abanye abantu baseGhana abangu-900 kanye nabaseNigeria abangu-300 bahambe ngesikhumulo sezindiza i-OR Tambo International.

KwaZulu-Natal umnyakazo awukapheli. UNdunankulu uThami Ntuli uthi babalelwa ku-7 000 abantu baseMalawi abasaseThekwini, kanti abanye abangu-900 abalindile eMgungundlovu ukuze bathole izinto zokuhamba. UNtuli uveze ukuthi kungenzeka ukuthi abanye basuke kwezinye izingxenye zezwe ukuze bajoyine izinhlaka ezibabuyisela emakhaya.

Imibhikisho ihlelelwe umhlaka-30 kuNhlangulana emadolobheni amaningi. Ihlelwe iMarch and March okuyinhlangano yomphakathi emazingeni aphansi eholwa ngowayengumsakazi uJacinta Ngobese-Zuma. Leli qembu likhankasela ukulawulwa kwemingcele okuqinile, ukuxoshwa ngokushesha kanye nokubekwa eqhulwini kwezakhamizi zaseNingizimu Afrika emisebenzini nasezintweni zomphakathi. IMarch and March izichaza njengabantu abangacwasi abokufika, kodwa abagxeki bathi imiyalezo yayo ibeka abantu bangaphandle engcupheni.

EGoli, iMarch and March iyona kuphela inhlangano efake isicelo semvume yokumasha. UMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli uthi kusamele kubanjwe umhlangano nezinhlaka ezifanele, okuhlanganisa ne-SAPS ngaphambi kokuthi kucutshungulwe isicelo.

Kulindeleke amamashi kwamanye amadolobha ezweni lonke.

IMarch and March ine nesithangami sabezindaba ngokuhlanganyela eGoli namuhla, behambisana nezinhlangano zomphakathi ezihlangene. Indawo ayizange idalulwe kusenesikhathi.

Khonamanjalo, kunemashi yombhikisho eKuGompo e-Eastern Cape, okubikwa ukuthi ihlobene nokukhathazeka ngabantu bokufika.

IKuGompo yaba sematheni ezinyangeni ezimbili ezedlule ngemuva kokugcotshwa kwenkosi yaseNigeria okube ngundabamlonyeni kwaqubula ulaka emphakathini kanye nezibhelu ezinodlame endaweni.

Iziphathimandla zithi zihlale ziqaphile njengoba kusondela umhlaka-30 kuNhlangulana.

Esithombeni esingenhla: Abafuduki bayabuthana ngaphambi kokubuyiselwa ekhaya njengoba iNingizimu Afrika isondela kumnqamulajuqu wombhikisho wamhlaka-30 kuNhlangulana.

Umthombo wesithombe: Uhulumeni waseMalawi

Izihloko zakamuva