Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UPatiswa Mboto, oneminyaka engu-45 ubudala, ohlala ePhilippi eKapa, waqala ibhizinisi lakhe lezinkukhu ngo-2010 ngemuva kokuba imali yesibonelelo sezingane ingasanele ukondla amalungu omndeni ayisithupha.
UMboto wakha ibhizinisi lakhe ngemali engu-R20 ayeyifaka masonto onke ku-stokvel, ethenga izinkukhu ezinhlanu ngesikhathi kuze kube yilapho ekwazi ukuthenga ezingaphezu kuka-200 ngenyanga.
UPatiswa Mboto wayedinga imali.
Imali yakhe yesibonelelo sezingane yayinganele ukondla abantu abayisithupha futhi wayengenayo umsebenzi. Ngakho-ke waqala ukudayisa amasoseji endaweni yasePhilippi, engeza u-R20 ngesonto ku-stokvel.
Ngesikhathi i-stokvel ikhipha imali, wathenga izinkukhu ezinhlanu.
“Lezo zinkukhu zaletha imali, futhi ngakwazi ukuthenga ezinye. Ngangiphinde ngidayise iziphuzo kanye ne-airtime,” kusho yena.
Lokho kwakungo-2010. Wayedayisa inkukhu ngentengo ephakathi kuka-R60 no-R70. Namuhla uyidayisa ngo-R130 (imali ekhokhwa ngaleso sikhathi) futhi udayisa izinkukhu ezingaphezu kuka-200 ngenyanga, ehola imali engaphezu kuka-R8,000.
Uphinde abe nohlelo lokuthengisa ngesikweletu amakhasimende angakwazi ukukhokha ngaleso sikhathi athatha izinkukhu ngesikweletu bese ekhokha ngemuva kosuku lokuqala lwenyanga. Uphinda athenge izinkukhu ezintsha uma sebekhokhile.
Ukuncintisana yinkinga enkulu kakhulu kuye. Abadayisi abasha bangena emakethe njalo.
“Sinabantu abasha abangena kuleli bhizinisi nsuku zonke, okusho ukuthi singaphezu kwabadayisi abayisithupha. Yingakho ngifisa ukuthola uxhaso lwezimali ukuze ngikwazi ukwandisa ibhizinisi lami,” kusho yena.
UMboto akakazi ukuthi angasifaka kuphi isicelo soxhaso lwezimali, kodwa kunezindlela ezikhona. I-SEDFA i-Small Enterprise Finance and Development Agency ihlinzeka ngemalimboleko kanye nokwesekwa kwamabhizinisi amancane kulo lonke elaseNingizimu Afrika. Angashayela ucingo ku-0860 663 7867 noma avakashele ku-sedfa.org.za. Uma ibhange linqaba ukumbolekisa imali ngenxa yokuthi akanayo impahla engasetshenziswa njengesibambiso, angabuza ngqo mayelana nesiqinisekiso sesikweletu sakwa-SEDFA-Khula. Isikhungo Solwazi Lwamabhizinisi sakwa-Seda siyatholakala futhi kunombolo ethi 0860 103 703.
Esithombeni esingenhla: UPatiswa Mboto ulayisha izinkukhu ngemuva kwemoto eyi-van.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze
