Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abahlali basemijondolo yaseSiqalo ngase-Mitchells Plain eKapa, abathole owesilisa elimele eduze kwemizi yabo ngeSonto ebusuku, baphatheke kabi ngamaphoyisa nabezimo eziphuthumayo ngokwehluleka ukuphendula kulesi simo baphinde babasola ngokungawenzi umsebenzi wabo.
Abahlali bafice owesilisa elimele kabi ehlathini eduze kwemijondolo yabo ngezithuba zabo-8 ebusuku. Ubenamanxeba amabi ekhanda.
Umhlali, eligodliwe igama lakhe, uthe basheshe bafonela esiteshini samaphoyisa e-Phillipi nabezimo eziphuthumayo be-Emergency Management Services ukuze bathole usizo.
“Lo mlisa ubehlaselwe kabhlungu washiywa khona lapho ukuba ashone, kodwa samthola kusenesikhathi,” kusho umhlali.
Kodwa, ucingo esiteshini samaphoyisa belukhala lungabanjwa.
“Sizame kaningi ukushayela amaphoyisa ucingo, kodwa lutho ukulubamba.”
Alukho nosizo olufikile oluvela kwabezimo eziphuthumayo.
“Ngesikhathi sibiza abezimo eziphuthumayo, basitshela ukuthi asimsuse ngokwethu owesilisa olimele simbeke eceleni komgwaqo,” kusho umhlali.
Omunye umhlali, uMnuz Siyabonga Mlakalaka, uthe kudingeke ukuthi bashiye owesilisa olimele ngaphandle kwemizi yabo.
“Sibase umlilo ukuze afudumale samnika nokudla ngethemba lokuthi abosizo lokuqala bazoshintsha umqondo bafike,” kusho uMlakalaka.
Lo olimele uhlale ngaphandle emgwaqeni ubusuku bonke.
“Kuyisimangaliso ukuthi usindile njengoba ubelimele kabi. Abahlaseli bamshaye kabi, begxile ekumlimazeni amalunga akhe ukuze angakwazi ukuhamba. Konke lokhu sikutshele abosizo lokuqala ocingweni,” kusho uMlakalaka.
NgoMsombuluko ngo-1 emini, lo mlisa ubesalinde usizo.
“Simnike izingubo zokulala nophuthu ekuseni sisaqhubeka nokubiza abezimo eziphuthumayo. Ubengashona ngemuva kokulinda isikhathi eside kangaka ukuze athole usizo.”
I-ambulensi igcine ifikile ngoMsombuluko ntambama.
Sidinga izindlela ezingcono zokufinyelela emaphoyiseni,” kusho uMlakalaka.
“Sicela abezimo eziphuthumayo namaphoyisa bawuthathele phezulu umsebenzi wabo. Bazikhethela le misebenzi, futhi akekho owabaphoqa. Kufanele bayeke ukulindela ukuba senze umsebenzi wabo.
“Abanye bethu banezimoto, kodwa besisaba ukuyisa lo mlisa esibhedlela, sisaba ukuthi singase sibe senkingeni ngento esingayazi.”
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape uSayitsheni Wesley Twigg uthe abantu bangashayela inombolo ye-Crime Stop ku-08600 10111 uma ucingo lwabo esiteshini samaphoyisa lungaphendulwa.
I-Scrolla.Africa ixhumane nokhulumela i-Cape Town Emergency Management Services kodwa ibingakakutholi ukuphawula ngaphambi kokushicilelwa kodaba.
Esithombeni esingenhla: Igumbi lezimo eziphuthumayo.
Umthombo: Isitoko