I-Sascoc ijabule ngenqubekelaphambili yethimba lakuleli kuma-Olympic

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-South African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) ijabule ngendlela iqembu laseNingizimu Afrika elenza kahle ngayo kuma-Olympics ase-Paris, njengoba linqobe izindondo eziyisithupha – okuphindwe kabili kusibalo sezindodo ezatholwa kuma-Olympics ase-Tokyo.

ULeon Fleiser, oyimenenja esezingeni eliphezulu ye-Sascoc futhi ongumholi weThimba laseNingizimu Afrika e-Paris, uthe uyaziqhenya ngempumelelo yabasubathi. 

“Sijabule kakhulu ngokusebenza kweThimba laseNingizimu Afrika,” kusho uFleiser. 

“Sathi sizokwenza kangcono kunase-Tokyo, futhi izindondo zethu siziphindaphinde kabili, ngakho siyaziqhenya kakhulu ngalokho abasubathi abasenzele kona.”

UFleiser uvumile ukuthi i-Sascoc ibifuna ukuhlinzeka ngokweseka okwengeziwe ngaphambi kwemidlalo yase-Paris kodwa yangakwazi ngenxa yezinkinga zemali. 

Kodwa-ke, uma sibheka imidlalo ka-2028 e-Los Angeles, i-Sascoc ihlela ukuhlinzeka ngosizo olwengeziwe ukuqinisekisa ukuthi abasubathi bazilungiselele kangcono.

I-Sascoc izoqala ngokunikeza u-R2.1-million wemiklomelo kwabawine izindondo zase-Paris bese iqala uhlelo lokweseka ngokugcwele abasubathi eminyakeni emine ezayo. 

“Manje kuqala umsebenzi onzima wase-LA,” kusho uFleiser.

Ubalule nokuthi i-Sascoc izovakashela e-LA ngoMfumfu ukuze iqale ukuhlela futhi izosebenzisana nazo zonke izinhlangano zezemidlalo ukuthola uxhaso nge-Bidvest ne-National Lotteries Commission ukuze abasubathi bathole ukwesekwa abakudingayo.

Esithombeni ngenhla: Ithimba lakuleli le-Relay eliwine indondo. 

Umthombo: @laureussport

Izihloko zakamuva