Lubhalwe nguMichael Madyira
UDeano van Rooyen, osesayiniswe yi-Orlando Pirates, uzokhumbula izikhathi eziningi ezimnandi zamasizini ayisishiyagalombili awachithe kuStellenbosch FC.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala udlulele kumaBhakabhaka ngoMsombuluko, waqeda ukuhlala kwakhe isikhathi eside eStellenbosch, lapho ebedlale khona ibhola elikhokhelwayo kusukela aqala ukukhula.
UVan Rooyen ongakaze alidlalele elinye iqembu uveze imicabango yakhe ngesikhathi sakhe neStellenbosch.
“Ukudlalela iStellenbosch FC eminyakeni eyisishiyagalombili edlule kube ukufezeka kwephupho lami,” kusho yena.
“Ngikhulele eStellenbosch, lalingekho iqembu lebhola elikhokhelwayo, ngakho ngesikhathi iqembu lisungulwa, kwaba yiphupho lami ukuyolidlalela.”
UVan Rooyen udlale okokuqala eneminyaka engu-19 ngo-2016 futhi uchithe amasizini amathathu kuNational First Division.
Ubeyingxenye yeqembu elanyuselwa kuPSL ngo-2019. Ngemva kwamasizini amahlanu kuligi ephezulu, wabona sekuyisikhathi soshintsho.
Esinye sezikhathi azigqaja ngaso njengokaputeni weStellenbosch ukubona iqembu liwina kuCarling Knockout ngesizini edlule.
“Ukuba ukaputeni kwaba yinto enkulu empilweni yami,” esho.
“Ibhande likakaputeni bekuwumthwalo omkhulu, kodwa ngangazi ukuthi ngingalihola iqembu. Ukunqoba iCarling Knockout kuyinto engiyohlala ngiyikhumbula. Bekubalulekile ukuphakamisa indebe njengomdlali wasendaweni, futhi ngizokuthwala lokho kuze kube phakade. IStellenbosch izohlale isekhaya.”
Manje uVan Rooyen ugxile ekuzinzeni kuPirates nokuthola isikhathi sokudlala esijwayelekile.
Isithombe esingenhla: Umdlali omusha we-Orlando Pirates uDeano van Rooyen ngesikhathi ekwiStellenbosch.
Umthombo: Stellenbosch