Lubhalwe nguRorisang Modiba
Usaziwayo uGrace Mondlana wenze iphathi yokuzalwa kwenja yakhe uKai, ebine-charcuterie kanye nejumpinh castle.
Le phathi ebizayo ivuse impikiswano ku-inthanethi, kanti abanye abantu baseNingizimu Afrika babuza ngegebe phakathi kokusebenzisa imali kwabantu abanethonya kanye nezinkinga ezivamile.
UGrace Mondlana uvuse impikiswano ku-inthanethi ngemuva kokwenzela inja yakhe uKai iphathi ebizayo ebinosaziwayo abaningi.
UMondlana, onabalandeli abangaphezu kwezigidi ezintathu ku-Instagram, wabelane nge-vlog ebonisa amalungiselelo ngaphambi kwephathi egcekeni lakhe ngomhlaka-25 kuNtulikazi.
Le phathi ibinemihlobiso ehlukene enekhanda lenja yakhe. Abanye ababekhona kubalwa uBanele “Moghelingz” Ndaba, uBheki Ndamase noTadéus.
UMondlana uphinde watshela izivakashi ukuthi izingxenye zendlu yakhe azivunyelwe ukuya kuyo okuhlanganisa nengxenye ephezulu, futhi wabacela ukuthi bangathathi izithombe phambi kwesibuko eduze kwendlu yakhe yangasese yezivakashi. Lapho usaziwayo we-TikTok ebuza lo mthetho, uMondlana wathi isibuko siyingxenye yendawo yakhe yangasese.
Ubukhulu bephathi ngokushesha kuvuse impikiswanl ku-X, abantu abaningi baseNingizimu Afrika becabanga ngegebe eliphakathi kokusebenzisa imali komuntu onethonya kanye nokuphila kwansuku zonke.
“Ngiyakutshela, iGraceland yenze ezibukwayo. Lezi zinkampani zizokulandela ngalokhu, into elandelayo niyazi ukuthi sizoba nama-party packs ezilwane ezifuywayo ezitolo,” kubhala omunye.
“Uyazi ngempela ukuthi angabathola kanjani abantu abanethonya ukuba baqabule umhlaba ahamba kuwo,” kuphawula omunye.
Abanye bavikela umthetho kaMondlana wokungathwebuli izithombe, bethi wonke umuntu unelungelo lokubeka imingcele nokuvikela indawo yakhe, ngisho nasemakhaya abo.
Esithombeni esingenhla: UGrace Mondlana ephethe inja yakhe uKai.
Umthombo wesithombe: UGrace Mondlana Instagram
