Kubulawe inqwaba yabantu esikoleni saseGaza kuhlasela i-Israel

Abezindaba be-Hamas babike ukuthi bangaphezu kwekhulu abantu ababulewe kwathi inqwaba yasala ilimele ngemuva kokuhlasela kwe-Israel esikoleni sase-Gaza ebesihlala abantu abangenamakhaya ngoMgqibelo.

Khonamanjalo, i-BBC ibike ukuthi uFadl Naeem, inhloko yeSibhedlela i-Al-Ahli lapho kulaliswe khona abaningi abalimele, uthe babalelwa ku-70 abagilwa abahlonzwe ngemuva kokuhlasela.

Ihhovisi labezindaba le-Hamas lithe isikole i-Al-Taba’een, esihlala abantu abangaphezu kuka-1000, ihlaselwe ezintatha zangoMgqibelo ngesikhathi somkhuleko wasekuseni.  

Umbutho wezokuVikela wakwa-Israel (IDF) kanye ne-Israel Security Agency bakuqinisekisile esitatimendeni ukuthi umbutho wabo wezindiza ubuqondise ukuhlasela isikhungo sokulawula nokuphatha lapho kucashe khona abaphathi be-Hamas kanye nabasebenzi.

I-IDF ithe isithathe izinyathelo zokunciphisa ubungozi bokulimaza izakhamizi, “okubandakanya ukusetshenziswa kwezikhali ezilimaziyo, ukubhekwa kwezindiza, kanye nolwazi lwezobunhloli”.

Impi ye-Israel-Gaza ne-Gaza ibilokhu iqhubeka kusukela ngomhlaka-7 kuMfumfu ngonyaka odlule, ngemuva kokuthi i-Israel iqale ukuhlasela, okwabulala abantu abangaphezu kuka-1200 futhi yathumba abangaphezu kuka-250.

Kusukela lapho, cishe bangu-40,000 abantu base-Palestine asebebulewe e-Gaza, ngokusho komnyango wezempilo e-Palestine.

Izingxoxo zokuqeda udlame kulindeleke ukuthi ziqale ngoLwesine.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Esithombeni ngenhla: Isikole i-Al-Tabe’een esihlaselwe amasosha akwa-Israel e-Gaza ngoMgqibelo.

Umthombo: MAHMOUD ZAKI/EPA-EFE/SHUTTERSTOCK

Izihloko zakamuva