Lubhalwe nguZukile Majova
Abashushisi boMbuso banesiqiniseko sokuthi icala labo lokukhwabanisa nenkohlakalo elibhekene nowayenguNobhala-Jikelele we-ANC u-Ace Magashule ima seliqine ngempela ke manje.
Lokhu kuza ngemuva kokubuyiswa ngempumelelo kosolwa ngokuba yingxenye yenkohlakalo, uMoroadi Cholota, owayewumsizi kaMagashule.
Sekuphele iminyaka emithathu leli cala lingayi ndawo njengoba uCholota, obehambe nge-visa yokufunda eMelika, ubenqaba ukwenza isivumelwano noHulumeni ukuze abuye azoba wufakazi.
UCholota ufike eNingizimu Afrika ngoLwesine ebusuku, waboshwa esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International, kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoMsombuluko.
Kwakuhloselwe ukuba abe ngufakazi ophambili wombuso, kodwa ngokuhamba kweminyaka, ubephikisana nemizamo yokungaboshwa futhi ubenqaba ukubambisana noHulumeni.
Abaphenyi boMbuso babeke uCholota njengophambili enkohlakalweni, njengoba ubengumsizi kaMagashule ngesikhathi enguNdunankulu wase-Free State.
UCholota kuthiwa uyena obexhumana nosomabhizinisi abehlukene abebethola amathenda, eqoqa nemali yentshontsho kaMagashule.
Amathenda ayenzelwe ukususwa kophahla lwe-asbestos ezindlini ezingaphezu kuka-4,000 bese esikhundleni sawo kufakwe uphahle oluphephile.
Phakathi kwabasolwa kuleli cala kukhona nosomabhizinisi u-Edwin Sodi, owake waba nguMqondisi-Jikelele eMnyangweni weZindlu kuzwelonke uMnuz Thabane Zulu kanye nowayenguMphathiswa neMeya yase-Mangaung u-Olly Mlamleli.
Icala lizoqulwa kusukela ngoMbasa kuya kuNhlangulana ngo-2025, kanti abasolwa bayawaphika wonke amacala.
Esithombeni ngenhla: UMoroadi Cholota efika esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngemva kokunikelwa kuleli esuka eMelika
Umthombo: X
