Umndeni ukhala ngomsolwa ochanasa emgwaqeni emva kokudedelwa ngebheyili ecaleni lokubulala eminyakeni engu-7 edlule

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Owesilisa usafuna ubulungiswa ngemuva kweminyaka eyisikhombisa umfowabo adutshulwa wabulawa eMthatha, e-Eastern Cape.

Ngomhlaka-3 ngo-Lwezi ka-2017, uYamkela Sibaya nomfowabo uSonwabile bathola ucingo oluvela kumfowabo omdala, uSibusiso. 

USibusiso wayesanda kuba nengxabano enzima nomsolwa uSihle Gcaza newele lakhe ngemuva kokushayisa balimaza imoto yakhe egaraji lakwa-Engen ngase-BT Ngebs City eMthatha.

UYamkela uthe kwafika uSibusiso ezolanda abafowabo kubo eMbuqe Extension.

“Sabe sesihamba sesiyobheka izinsizwa elokishini laseNgangelizwe.

“Ngesikhathi singabatholi, sanquma ukuya ekhaya. Lapho sibuyela emuva, sabona imoto isilandela, ikhanyisa amalambu. Sama sabona ukuthi yilaba ebesibafuna,” kusho uYamkela.

“Omunye wabo waphuma wabuza ukuthi sifunani. Sabacela ukuthi bakhokhe ngomonakalo abawudalile, kodwa elinye iwele labuza ukuthi sizokwenzeni uma bengafuni. Yabe isiba nzima kakhulu ingxabano, uGcaza wakhipha isibhamu wadubula uSibusiso okhalweni.

“Ngabaleka ngaso leso sikhathi ngiyocasha, noSonwabile walandela kodwa wadubuleka emlenzeni. USihle wabe esedubula okwesibili kuSibusiso owayezama ukubaleka ngokubuyela emotweni.”

Zombili izelamani zaphuthunyiswa esibhedlela, kodwa uSibusiso wayeseshonile ngesikhathi befika.

UGcaza waboshwa ngakusasa, wavela enkantolo ngemuva kwezinsuku ezimbili. Udedelwe ngebheyili, futhi kusukela lapho icala alizange liqhubeke.

USibaya udidekile ngokuthi kungani icala lingaqhubeki.

“Umphenyi wecala sekuphele iminyaka eyisikhombisa eqhubeka nokuphenya. Sagcina ukuzwa ngaye ngo-2022 efika ekhaya ezothatha izithombe zemoto ngoba zalahleka ezokuqala,” usho kanje. 

“Kusukela lapho, ubengasaziphenduli izingcingo zethu, futhi uma siya esiteshini samaphoyisa sitshelwa ukuthi akatholakali. Yini okufanele siyenze ukuze sithole ubulungiswa?” Kusho uSibaya.

I-Scrolla.Africa icele okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Eastern Cape uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa ukuba aphawule futhi isalinde impendulo yakhe, ebingakatholwa ngesikhathi sokushicilela. 

Isithombe esingenhla: Isithombe se-SAPS.

Umthombo: SAPS/X

Izihloko zakamuva