Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abaholi ezifundeni zoMkhonto weSizwe (MK) KwaZulu-Natal sebenqumele umholi waleli qembu uMnuz Jacob Zuma ugwayi katiki ngokuthi aqoke isigungu sesifundazwe zingakapheli izinsuku ezingu-14.
Lokhu kuvele encwadini abamubhalele yona baphinde bayisayina bonke ngomhlaka-25 kuNtulikazi.
Le ncwadi ithunyelwe kuZuma ngaphambi kokuthi ngoLwesihlanu (namhlanje) emini batheleke emzini wakhe eNkandla bezozwakalisa ukukhathazeka ngokuthi akusebenzeki njengoba ubuholi bungekho.
“Kuyasikhathaza ukuthi abaholi besifundazwe nabadidiyeli bezifunda bajutshwe eSishayamthetho maqede iKZN yasala ingenabo ubuholi. Kumanje sinenkinga yokuthi kunezinto ezidinga ubuholi besifundazwe kodwa inkinga abukho.
“Asisho ukuthi siphikisana nesinqumo sobuholi obuphezulu sokuhlakaza isigungu sesikhashana eKZN kodwa okubi ukuthi sisele sinqunu asinabuholi. Alukho uhlaka esibika kulo,” kukhalaza laba baholi.
Imizamo yokuthola umphumela womhlangano obuseNkandla emini ibhuntshile njengoba bonke abaholi bebengatholakali ezincingweni.
Izifunda okuthiwa zinenkinga kakhulu uMgungundlovu nasoGwini okuyilapho okuthiwa abaholi bakhona banhlakanhlaka.
Kuthiwa abanye bacindezela nemizamo yokukhulisa iqembu.
Kwenzeka lokhu nje uMkhonto weSizwe Party ubhekene nezinye izikhalo zokuthi amagatsha awekho kuze kube manje kanti nezingqungquthela zokukhetha ubuholi akwaziwa ukuthi ziyohlala nini.
Ngenxa yalokhu kukhona abasola nokuthi bazithola belawulwa indodakazi kaZuma uNkk Duduzile maZuma-Sambudla.
Kumanje kukhona nezikhalo zokuthi abanye abaholi baxoshwe ePhalamende ngoba kuphendlelwa izihlobo zabathile.
Okhulumela iqembu uMnuz Nhlamulo Ndlela uthe bavule icala emaphoyiseni ase-Sandton ngezinsolo zokuthi kukhona abakhwabanise uhla lokuya ePhalamende kuleli qembu nokwenze kukhishwe amalungu angu-18 ePhalamende obekusolwa ukuthi angena ngomkhonyovu.
Omunye wabo kuthiwa uMnuz Thami Khuzwayo okumanje kuthiwa ukhala ngokuthi bebevele behlukumezeka ePhalamende.
