Umshayeli wetekisi ethutha izingane zesikole uhlasele amaphoyisa omgwaqo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Sekusabalale ividiyo ekhombisa umshayeli wezokuthutha abafundi elwa namaphoyisa omgwaqo eKapa.

Isigameko senzeke ku-N2 ngoMsombuluko ekuseni.

Kule vidiyo amaphoyisa omgwaqo abonakala ebambe umshayeli ovuza igazi ekhanda. 

Umshayeli uzwakala ethi elinye lamaphoyisa liyamluma licela ukuthi ame.

UJP Smith, oyi-MCM yezokuphepha kuleli dolobha, ukugxeke kakhulu ukuhlaselwa kwamaphoyisa omgwaqo asuke enza umsebenzi wawo.

Uthe amaphoyisa ophiko lwe-Ghost Squad abezulazula ku-N2 ngoMsombuluko ngesikhathi ebona umshayeli edlula ezinye izimoto ngaseBorchards Quarry. 

Esebenzisa amalambu aluhlaza namasiren, la maphoyisa ahlaba umkhosi ecela umshayeli ukuba ame, kodwa wenqaba okuholele ekutheni bamujahe.

“Bagcine beyimisile besizwa ngamanye amaphoyisa. Umshayeli utshelwe ukuthi uzoboshwa ngokushayela budedengu. Kuthe uma bezama ukumgaxa ozankosi wanqaba wagwaza iphoyisa elilodwa ekhanda ngokhiye bemoto,” kusho uSmith.

Umshayeli ube esethatha ipepper spray yephoyisa wayisebenzisa emaphoyiseni, wawashaya ngesibhakela wawakhahlela. 

Uphindele emotweni yakhe, wadedela abafundi abathathu, wasuka ngesivinini. Kamuva umshayeli uphinde wabanjwa kodwa waphunyuka ngokweqa udonga egijima ebheke eBonteheuwel.

Ushiye itekisi ngemuva.

Amaphoyisa amathathu awahlaselile aphuthunyiswe esibhedlela i-N1 City Hospital, kanti isigameko sibikiwe e-SAPS. 

“Izigameko ezifuze lesi azikwazi futhi ngeke zibekezelelwe,” kusho uSmith. “Amaphoyisa ethu abhekana nezingozi nsuku zonke lapho enza umsebenzi wawo, kanti kumele aqinisekise ukuthi izakhamizi zethu ziphephile ngaso sonke isikhathi.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uSergeant Wesley Twigg uthe ongaba nolwazi ngomshayeli angashayela ku-08600 10111.

Isithombe esingenhla: Amalambu amaphoyisa. 

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva