Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Abafundi ababili baka-Grade 8 base-Tsakani Secondary School eKurhuleni, abaneminyaka engu-13 no-14, bachithe amasonto behlela ukuzibulala.
Ubufakazi bebukhona kunoma ngubani okwazi ukufinyelela kuma-akhawunti abo ezinkundla zokuxhumana.
Ekuqaleni amantombazane abefuna ukuzibulala ngeSonto, kodwa omunye wabo ubengavunyelwe ukuphuma ekhaya.
Ngakho, ngoMsombuluko ngesikhathi sesikole, laba bangani ababili baxube ushevu wamagundane nama-chips futhi bashintshana ngokudla ukudla okubulalayo.
UMpho Thombeni, (14), udindilize washona, ngesikhathi umngani wakhe ephuthunyiswa esibhedlela kanti manje usegunjini labagula kakhulu.
Ubabekazi wentombazane esindile utshele i-Scrolla.Africa ukuthi besekungokwesithathu ezama ukuzibulala kulo nyaka.
“Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule waphuza ingxube yamaphilisi wagula esesikoleni, bamphindisela ekhaya. Emasontweni amabili edlule, sambamba ezama ukuphuza amaphilisi futhi, amanye awo wawajikijela ophahleni ngenxa yokwethuka. Bebephinde bazisike izihlakala,” kusho ubabekazi wakhe.
Encwadini yokuzibulala, intombazane esindile ithe inomuzwa wokuthi umndeni wayo awuyithandi futhi uvame ukuyisola ngokweba imali.
Ubezizwa enganakiwe ekhaya eligcwele abantu.
Unina kaMpho, uZandile Thombeni, uthe uthole ukuthi indodakazi yakhe yathenga umuthi wamagundane ngeSonto.
“Ngiphatheke kabi ngokuthi unqume ukuzibulala ngaphandle kokukhuluma nami noma izingane zakwabo,” usho kanje.
Amazwi okugcina awatshelwe indodakazi yakhe abethi, “Ngiyakuthanda,” ngesikhathi uMpho ephuma ekhaya eya esikoleni.
“Bekungekho lutho obelungalungile noma oluhlukile ngaye. Ubejabule futhi engumuntu ojwayelekile. Ibuhlungu inhliziyo yami ukuthi angizange ngimbone ukuthi usezinhlungwini ngandlela thize.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani uWarrant Officer Lebohang Ramaesa uthe bavule uphenyo, kanti luyaqhubeka.
Kwesinye isigameko, izelamani ezimbili – umfana oneminyaka eyishumi nodadewabo, (11) – nomzala wabo oneminyaka eyisishiyagalombili, base-Evaton Primary School e-Sebokeng bashone ngenxa yezinsolo zokuthi badle ushevu ngoMsombuluko ekuseni esikoleni.
Batshele othisha babo ukuthi badle ipapa nobisi ekhaya futhi banikezwe amabhisikidi ngusingababa wabo omncane beya esikoleni.
Okhulumela amaphoyisa e-Evaton SAPS uConstable Thulisile Msibi ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa avule uphenyo mayelana nokushona kwabafundi abathathu.
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane uthe ukushona kwalaba bantwwana abasha kuphathe kabi kakhulu uMnyango wezeMfundo.
“Ithimba lethu labasekeli lizothunyelwa ukusiza wonke umuntu othintekile. Sinxusa abafundi ukuthi bafune usizo kwi-South African Depression and Anxiety Group ngokushayela ucingo lwabo olusebenza amahora angu-24 ku-0800 6878 88 uma bedonsa kanzima noma bezizwa becindezelekile,” usho kanje.
Osesithombeni ngenhla: UMpho Thombeni.
Umthombo: Uthunyelwe