Imboni kashukela ibinonyaka omnandi kodwa ubungaba mnandi kakhulu kunalokhu

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Naphezu kwesimo sezulu esibi kanye nokucishwa kukagesi, imboni kashukela yaseNingizimu Afrika ikhombise ukwenyuka komkhiqizo ngesizini esanda kuphela ka-2023-2024.

Lokhu kuvele embikweni owethulwe eThekwini engqungqutheleni ye-South African Sugar Technologists Association eqhubekayo kaPhilemon Sithole we-South African Sugarcane Research Institute.

Yize ukukhiqizwa kwanda, isivuno sehla kakhulu ezindaweni ezithembele ekuniseleni. USithole uthe ukucishwa kukagesi nokuna kwemvula enamandla kube nomthelela kulokhu.

Izindawo ezithembele ekuniseleni ukutshala umoba zitholakala oPhongolo, eHluhluwe naseJozini enyakatho yeKwaZulu-Natal, e-Malelane nase-Nkomati eMpumalanga. 

Nokho izindawo ezifana noThongathi, uMzinto nezinye ezigudle ugu lwaKwaZulu-Natal zithembele emvuleni.

USithole uthe izinga lomoba ngesizini edlule beliphansi.

USithole uthe izimvula ezinamandla, ukuqhakaza kwezimbali, nokuguga kakhulu komoba (ikakhulukazi e-Midlands) yikho okunomthelela ekwehleni kwezinga lomoba.

USolwazi Narendra Mohan we-National Sugar Institute yaseNdiya utshele ingqungquthela ukuthi imboni yabo kashukela iye yahlukahluka futhi, ngale ndlela, yazuza inani eliphezulu kakhulu lomoba.

Uthe ngaphezu kokukhiqiza ushukela basebenzise izinsalela ezisale ngemuva kokuthi ushukela usukhishiwe ukukhiqiza ama-partition board neminye imikhiqizo edayiswa ezimakethe zakuleli okungenisela abalimi imali eyengeziwe.

Esithombeni ngenhla: Umoba ungasetshenziswa kwezinye izinto eziletha imali eyengeziwe.

Umthombo: morningchores.com

Izihloko zakamuva