Awulithandi igama lomgwaqo lendawo ohlala kuyo? Lishintshe!

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

I-Gauteng Geographical Names Committee (GGNC) ifuna izakhamuzi zakulesi sifundazwe ziphakamise amagama amasha emigwaqo, imifula nezindawo zokuhlala.

Kodwa kunemithetho okufanele ilandelwe. USihlalo we-GGNC uDkt Mandla Mathebula uchaze lokhu emhlanganweni obuhanjelwe izinkumbi wokuqwashisa umphakathi ngoLwesithathu ehholo lomphakathi i-Halala e-Soshanguve, Block H.

“Abantu kumele bakugweme ukuqamba izinto ngamagama abantu abaphilayo, yize kwesinye isikhathi lokhu sikwamukela ngaphansi kwezimo ezingajwayelekile,” kuchaza uMathebula. 

Futhi, njengesinyathelo esisebenzayo, “kufanele baphinde bagweme ukusebenzisa amagama amade kakhulu okuzoba nzima kakhulu ukuwabhala, ngisho nasemabhodini ezimpawu”.

“Kubalulekile ukuqamba lezi zendawo ngoba inqubo yokuqamba imayelana nezimiso (standardisation) ukuze kube namagama asemthethweni okufanele abantu bawasebenzise emabalazweni, ku-Google map nasemabhodini ezimpawu.”

Kufanele kulandelwe inqubo ekubhaliseni, ekulungiseni nasekuqanjweni kabusha kwezindawo ezifana nemigwaqo, imifula nezindawo zokuhlala. 

Kubalulekile ukuzibandakanya kule nqubo. Uthe i-GGNC ifuna abantu babe namagama asemthethweni, ajwayelekile ukuze yonke into icace. UMathebula ufuna amagama abhalwe ngendlela efanele, kungenziwa maphutha ukuze amukeleke emphakathini. 

Ikhansela lase-Tshwane, uHluphi Gafane uthe lolu hlelo ligqamisa amagugu ase-Tshwane, amasiko, imvelaphi kanye nezilimi ezahlukene.

“Lokhu kusisiza ukuthi sixhumane nezakhamuzi. Njengohulumeni, asikwazi ukuthi sizenzele izinto ngaso sonke isikhathi, sidinga ukuxhumana nemiphakathi sibone ukuthi ingathanda uma kwenziwa kanjani ezindaweni abahlala kuzo.

“Njengomuntu osemusha, ngikholelwa ekwenzeni izinto kanye nokuxhumana nabantu. Ukuxhumana nabantu kubaluleke kakhulu ukuze sizwe zonke izinkinga zabo nokuthi bathanda ukuba zixazululwe kanjani.”

IKhansela uRose Sethole uthe uyajabula ukuthi lokhu kuqwashiswa kwabantu sekugcine kufikile emphakathini.

“Kuyangijabulisa ukubona isibalo sezakhamuzi zingaka kuleli hholo, kukhombisa ukuthi abantu bayawukhathalela umphakathi wabo futhi bazimisele ngokuba yingxenye yezinto ezizoyisa lo mphakathi phambili,” kusho uSethole.

“Ngiyethemba ukuthi kuzobe kungekhona okokugcina ukuthi sibe nezikhathi zokuqwashisa ngale ndlela. Ziningi izindawo ezingakaqanjwa amagama lapha. Sizosebenzisana njengomphakathi ukwenza lo msebenzi ube yimpumelelo ukuze sishiye umlando ezizukulwaneni ezizayo.”

Esithombeni esingenhla: Abahlali base-Soshanguve ehholo lomphakathi iHalala.

Umthombo wesithombe: Sbongile Nonyana

Izihloko zakamuva