Abesifazane bahamba phambili ekushintsheni izinto

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

I-Tshwane University of Technology isingathe umcimbi weNyanga yabeSifazane ukugubha impumelelo yabesifazane emangalisayo emhlabeni wonke kanye nokuqhakambisa umzabalazo wabo oqhubekayo wokulingana ngokobulili nokuhlonyiswa kwawo. 

Lo mcimbi ubuyisinyathelo sohlelo lokuBusa nokuThuthukiswa kobuholi babafundi base-TUT okuhloswe ngawo ukwakha, ukunika amandla nokudala abaholi abenza izinqumo eziphusile ngemisebenzi eyahlukene yangemuva kwesikole. 

Kulo mcimbi obungoLwesithathu e-South Campus, e-Soshanguve, Block L, u-Itumeleng Phiri, owumkhiqizo walolu hlelo uthe abesifazane bebelokhu behamba phambili ngaso sonke isikhathi. 

Kusukela kubaholi bezepolitiki nezimboni kuya kwabamele ubulungiswa emphakathini, ezempilo kanye nezemfundo, abesifazane babumba umhlaba wethu ngezindlela ezijulile,” esho. 

“Namhlanje sihlonipha izingqalabutho ezahlahla indlela ezizukulwaneni ezizayo kanye nakubesifazane abaqhubeka nokwephula izithiyo nsuku zonke,” esho.

Bakhuthaza abesifazane ngokugqugquzela ushintsho, ubuciko babo kanye nokuba nesibindi. 

UPhiri uthe abesifazane kumele bakhumbule ukuthi usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuze bathole ukulingana kwangempela. Abesifazane basabhekene nezinselelo emikhakheni eminingi yempilo, kungaba isemsebenzini, kube isekhaya, noma emphakathini. 

“Igebe lemiholo yobulili liyaqhubeka; abesifazane bavame ukuvezwa kancane ezindimeni zobuholi ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Babhekana nodlame nokucwaswa ngenxa nje yokuthi bayilokho abayikho. 

“Kule Nyanga yabeSifazane asingagcini nje ngokuyigubha kodwa siphinde sicabange nokuzibophezela kwethu ekudaleni umhlaba onokulingana,” kusho yena. 

U-Advocate Tebogo Kgole obeyisikhulumi sosuku uthe abesifazane kumele bakhankasele amalungelo namathuba alinganayo kubo bonke abesifazane nokuthi wonke umuntu wesifazane uneqhaza lakhe okumele alibambe ekwenzeni lokhu.

“Kumele sinikane amandla, silalele izindaba zomunye nomunye siphinde seseke izinhlelo ezikhuthaza ukulingana ngokobulili.

“Ngake ngatshelwa ukuthi ukufundela ukuba ummeli kuwukuchitha isikhathi ngoba akekho umuntu ozoqasha umuntu wesifazane ukuthi amumele. Ngama ngaqina kulokho engangikufuna yingakho ngilapha namuhla,” kusho uKgole. 

“Namuhla ngifuna ukunitshela ukuthi amandla enu, intshisekelo yenu, namagalelo enu kubaluleke kakhulu. Qhubekani nilwele ubukhona benu. 

“Asibambaneni, sihloniphe amandla obumbano njengoba sisebenzela izwe lapho wonke umuntu wesifazane angafeza khona amaphupho akhe ngaphandle kokwesaba nokucwaswa. 

Esithombeni esingenhla: U-Advocate Tebogo Kgole ubeyisikhulumi sosuku emcimbini weNyanga yabeSifazane.

Umthombo wesithombe: Sbongile Nonyana

Izihloko zakamuva