Lubhalwe nguRorisang Modiba
https://vm.tiktok.com/ZMrs87WM1/
Umlingisi uManaka Ranaka ukhulume ku-TikTok ethi abesifazane baseNingizimu Afrika abashada namadoda akwamanye amazwe ngenxa yemali bacekela phansi izwe.
Usole abesifazane ngokusiza abesilisa bakwamanye amazwe ukuthi bathole ubuzwe ngokushada nabo, wathi lokhu kudala izinkinga.
Ukuphawula kukaManaka kuza ngemuva kokuhoxa kukaChidimma Vanessa Onwe Adetshina emqhudelwaneni ka-Miss South Africa 2024 ngoba uyise engowase-Nigeria.
Kuphinde kwavela ukuthi umama kaChidimma wayethinteka ecaleni lokukhwabanisa eminyakeni edlule.
UManaka ukhulume ebheke ikhamera lapho ethi kukhona owesifazane ovuma ukushada nomuntu wangaphandle ukuze athole u-R1 000 kodwa wathola u-R70 kuphela.
Abantu abaningi ku-inthanethi bavumelana namazwi aqinile kaManaka.
Abanye abasebenzisa u-TikTok baphawule bathi: “Uqinisile. Abesifazane abaningi baholelwa u-R300 njalo ngenyanga ngabesilisa base-Pakistan nabase-Bangladesh ukuze babasize bathole amaphepha okuba ngabahlali bakuleli ngokugcwele. Abanye besifazane baseNingizimu Afrika benza lokhu ngenxa yemali. Badayisa ngezwe lonke.”
Omunye ubhale wathi: “Akukho okucasulayo ngalokho akushilo. Njengabantu baseNingizimu Afrika abalikhathalele izwe lethu, siyameseka.”
Osesithombeni ngenhla: UManaka Ranaka.
Umthombo: Instagram