EzaseKZN ezifingqiwe: Imenenja kamasipala waseMajuba imisiwe emsebenzini

USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni.

EMajuba – UMpumelelo Manqele, oyimenenja kamasipala waseMajuba, e-Newcastle, uvalelwe ngaphandle kwehhovisi lakhe ngoLwesibili.  UManqele ubuyele emsebenzini ngemuva komhlangano womkhandlu wangesonto eledlule, lapho enikezwe khona isaziso sokuthi uzomiswa emsebenzini ngenxa yezinsolo eziningi. Abameli bakhe baphikisana nalezi zimangalo encwadini ebhalelwe i-Scrolla.Africa. Imithombo ithi uManqele uthole ihhovisi lakhe likhiyiwe, onogada bamtshela ukuthi batshelwe ukuthi bangamvumeli angene.

EMgungundlovu – UMncedisi Makuyi, iPhini loMqondisi wezomlilo nezinhlekelele eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, ucele uMphathiswa womnyango uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ukuthi abuyekeze ukuxoshwa kwakhe. UMakuyi uthi uxoshwe kungafanele ngenxa yokungalubhadi emsebenzini yize ehambise amafomu okuthatha ikhefu. Uphinde wathi ubudlelwano bakhe nomphathi wakhe baba bubi kakhulu ngesikhathi emataniswa neqembu leMK esifundeni sasoThukela.

E-Greytown – Umasipala wesifunda uMzinyathi wamukele uZakithi Ngubane njengeqhawe, ofunda uGrade-9 e-Greytown High School, ophume isibili ku-Miss Teen Super Globe Pageant 2024 e-Bangkok, e-Thailand. Umasipala wangakubo uhlele ukwenza umgubho eKing Shaka International Airport.

KwaNongoma – UMphathiswa womnyango uMfundisi Thulasizwe Buthelezi uthi umasipala waKwaNongoma uzamile ukuguqula isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngokuba welule izinkontileka zikaSipho Nkosi noBhekokuhle Menyuka “kabusha”. UButhelezi akavumelani nalokho, kanti usewafakile amaphepha enkantolo ngenhloso yokukhipha uNkosi esikhundleni sokuba yimenenja kamasipala noMenyuka njengesikhulu sezimali.

E-Hammarsdale – I-Bulk Connections, inkampani yakwa-Bidvest, yakhe amagumbi okufundela amasha amathathu esikoleni Umthombomuhle Intermediate School e-Hammarsdale ukuze kwehliswe ukuminyana kwabafundi. Le nkampani yakhe nehhovisi labasebenzi, amagumbi okugeza, nekhishi konke okudle izigidi ezintathu zamarandi.  Lesi sikole esakhiwa ngo-1993 asikaze sibe negumbi lothisha. Lolu hlelo luzokwethulwa esikoleni ngokusemthethweni ngoLwesihlanu.

Esithombeni esingenhla: UManqele uvalelwe ngaphandle kwehhovisi lakhe eMajuba.

Umthombo: Sihle Mavuso

Izihloko zakamuva