Isilo uMisuzulu ujube ngokusemthethweni okaMyeni esigodlweni sokugada umhlaba kaZulu owawuzophiwa amaSwati uHulumeni wobandlululo 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isilo uMisuzulu kaZwelithini sesimjube ngokusemthethweni uNdlunkulu waso wesithathu uNomzamo kaMyeni ukuba yinhloko yesigodlo saseNgwavuma esakhelwa ukuvimba uHulumeni wengcindezelo ukuba adayise ngomhlaba kaZulu eSwatini.

UNdlunkulu ukaMyeni kuthe ngempelasonto wamukelwa ngenhlokomo omakhelwane naye wabahlangabeza ngezipho ezahlukene.

Lesi sigodlo saseMachobeni sakhiwa ngemuva kokuba uMntwana WakwaPhindangene enqobe uHulumeni wobandlululo enkantolo yasePitoli njengoba wawufuna ukuthatha iNgwavuma uyinikeze izwe laseSwatini.

Lokho kwakuyokwenza ukuthi uHulumeni wobandlululo ukwazi ukulwa namasosha oMkhonto weSizwe ayesemazweni angomakhelwane beNingizimu Afrika.

Nokho leyo mizamo yabhuntsha ngesikhathi inkantolo yasePitoli ivuna uMntwana wakwaPhindangene owayevikela umhlaba kaZulu ukuba ungahambi.

Lesi sigidlo saseMachobeni kuthiwa kwakufanele kuhlale kuso uNdlunkulu uThandi maNdlovu wakwaLinduzulu kodwa wenqaba.

Yilapho lesi sigidlo sigcine sihlala iminyaka singenaye uNdlunkulu oqondene naso njengoba uNdlunkulu uMaMdlovu wagcina efakwa kwaLinduzulu kwaNongoma okuze kubemanje uhlalakhona.

Lesi sogodlo saseMachobeni kuthiwa siyalungiswa ukuze kwakhelwe okaMyeni esinye ngaphakathi ukuze angasebenzisi ilawu likaMdlokombane.

Izihloko zakamuva