Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UKhozi FM seluveze ukuthi belungakabinazo izinhlelo zokuvala isikhala sikaZanele Mbokazi-Nkambule ngoba bebezitshela ukuthi uzolulama aqhubeke nohlelo lwakhe lokuKhuphukela Eshilo ngeSonto.
Lokhu kuvezwe ngoLwesibili umphathi siteshi uNksz Sbongi Ngcobo ngesikhathi abasebenzi nabaphathi besiteshi bezobhonga emswanini emzini kaMaMbokazi-Nkambule e-La Mercy eThekwini.
“Kumanje asazi ukuthi sizokwenzenjani ngoba besingenazo izinhlelo zokuvala isikhala sakhe ngoba besilokhu sizitshela ukuthi uzobangcono abuyele emsebenzini. Silimele kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni,” kusho uNksz Ngcobo.
Uzakwabo kaMaMbokazi-Nkambule nomngani wakhe uDudu Khoza uthe kuphele ngisho amandla kuye ngendlela aphatheke kabuhlungu ngayo.
“Sigijimile noZanele ngezikhathi zo-Kansas City Mchunu sisonke oKhozini. UZanele ubeyisishabasheki ebesingaphumuli. Ubuthi uhlangana naye uma kukhona lapho enizoyakhona uthole ukuthi useqale ezindaweni ezintathu. Kwesinye isikhathi ubefika izicathulo sezinodaka uvele ubone ukuthi lapho aqale khona belina izulu. Sesiyotatazela simsulela izicathulo ukuze kuqhutshekwe nomsebenzi. Impela silimele,” kusho uDudu Khoza.
UNksz Nokuthula Khasibe odume ngelikaMadam Noks we-Podcast Affirmation uthe uMbokazi-Nkambule ubeyindlu yamandla kangangokuthi amagalelo akhe azwakele ekufukuleni umnotho waseThekwini ngama-Crown Gospel Music Award.
“UZanele uliphakamisile ifulegi losomabhizinisi besifazane baseKZN eNingizimu Afrika nasezwenikazi lase-Afrika. Ukwazile ukubasezingeni loBasetsana Khumalo noCarol Bouwer. Umnotho weTheku uwufukulile endimeni yezokuvakasha sabona edala namathuba emisebenzi,” kusho uMadam Noks.
IMeya kamasipala weTheku uMnuz Cyril Xaba uthe uMbokazi-Nkambule uyibekile induku ebandla endimeni yezokusakaza neyezomculo ngama-Crown Gospel Music Award.
Umphathi weMbokodo FM noyisikhulu se-Multi-Media uMnuz Sandile Ngema uthe bafe olwembiza ngokudlula kukaMaMbokazi-Nkambule.
“Ukulwile ukulwa okuhle waphinde waba yithemba ezimpilweni zabaningi. Nakuba siyisizwe esisazikhotha amanxeba ngenxa yokuhlukunyezwa uhulumeni wengcindezelo kodwa siyabonga kubantu abafana noZanele abakwazile ukusinikeza ukukhanya nethemba. Uthando ebesimthanda ngalo nabesithanda ngalo kusekude lushabalale,” kusho uNgema.
USolwazi Musa Xulu weNdonsa uchome uMbokazi-Nkambule ngendima ayidlalile ekwesekeni iNdlunkulu kaZulu ngesikhathi ibhekene nezinkinga.
Uthe uMbokazi-Nkambule ubeyingxenye yokugqugquzela ukuthula eNdlunkulu kaZulu ngokubambisana neNdonsa ngesikhathi isingulwa ngo-2022.
UMaMbokazi-Nkambule ubengapheli emikhosini yaseNdlunkulu kusuka emcimbini omkhulu wokufaka esibayeni iSilo uMisuzulu kaZwelithini wayekhona.
Umndeni umemezele ukuthi uzofihlwa e-Marianhill ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo ezoba se-GNF e-Durban Station ekuseni.
NgoLwesine kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo ezobakhona e-GNF kusuka ngehora lokuqala emini.
Osaziwayo bebephuma bengena kwakhe bezokhalisana nomndeni.
Phakathi kwabo kubalwa uLindelani Mkhize we-Joyous Celebrations, uDkt Zweli Mkhize owayenguNdunankulu waseKZN, inkakha emculweni we-Opera nesikhulu sase-Play House uLinda Bukhosini, uThandeka Zulu owayedume ngoNombuso kuZalo, uDj Happy Gal, uDJ Cindo nabasakazi boKhozi FM nabanye.
