Author: N5

Umqeqeshi webhola uzobhadla ejele ngokudlwengula ingane eneminyaka engu-12

"Lokhu kuzoba yisifundo nakwabanye ukuthi inkantolo isohlangothini lwabahlukunyeziwe."

Ama-All Blacks azohlola ukujula kweqembu lamaBhokobhoko 

Osukwini olwedlule, amaBhokobhoko abesekulungele ukuveza iqembu elihamba phambili emlandweni webhola lombhoxo waseNingizimu Afrika. Manje, intsha kuzomele izigqamise ngale kwempicabadala ehlale ishiwo.

Abahlali baseTopblock bazibona belahliwe uhulumeni 

Abantu basemijondolo bazizwa belahliwe uhulumeni futhi bengenazo izidingongqangi ezifana namanzi, ukuthuthwa kwendle, nomazisi.

Isilo sifuna uNgqongqoshe noNdunankulu waseKZN balungise inkinga yokuvalwa kwe-Ithala ngokushesha

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sikhuza umhlola ngokuphucwa kwebhange Ithala imvume yokusebenza njengoba sesikhombe uHulumeni ukuba alulungise ngokushesha lolu daba.

Kushone abane emlilweni waseJeppestown

Umlilo oqubuke ebhilidini lase-Jeppestown ubulale abantu abane kwalimala abathathu, okusolwa ukuthi imbangela kube ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.

Abasolwa ngokubulala baboshwe amaphoyisa eRustenburg

Amaphoyisa aseNorth West abophe abasolwa abahlanu abebehlome ngezibhamu endaweni ngesikhathi enze isivimbamgwaqo eRustenburg, bebephethe izibhamu esisetshenziswe esigamekweni sakamuva.

UNdlunkulu weSilo obesematheni ngamafa kaMdlokombane useyithemba lokuthula eNdlunkulu 

Kunconywa imizamo kaNdlunkulu omdala weSilo oke wabasematheni embangweni wefa leSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngeqhaza aselibambile ekuzameni ukudala ubumbano emndenini waseNdlunkulu.

Kuzohlonishwa uMaKhumalo kaZuma ngokubekezela nokumeseka kunzima

Uphiko lwabesifazane boMkhonto weSizwe Party bazohlonipha uNkosikazi omdala waloyo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngeqhaza alibambile, ewa evuka naye kunzima.

Imbizo yokuqala kamengameli Ekurhuleni 

URamaphosa kanye nongqongqoshe bakhe babelane ngezinhlelo zabo nezakhamizi zase-Ekurhuleni zokulungisa izinkinga eziningi zasemalokishini.

Owadlwengulwa uhlala ngokwesaba njengoba esalinde ubulungiswa

"Ngamemeza kodwa akekho owangizwa, ngaquleka, ngathi uma ngiphaphama ngangivuza igazi, nginqunu, nempahla yami ingasekho."

UNgizwe uthi akalubhadi kuMkhonto ngoba uDuduzile wamthuka ngonina

UMengameli wamaBhinca uNgizwe Mchunu ushiye angalazi ngoMkhonto weSizwe Party, wathi akawujoyinanga ngoba wathukwa uNkk Duduzile maZuma-Sambudla.

Ujele obenakekela uZuma uthole isikhundla esiphambili ku-MK

“Ubenomusa kakhulu kuZuma, emthatha njengendoda yomndeni esikhundleni sesigebengu.”

Recent articles

spot_img