Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Izakhamizi zase-Ekurhuleni zinxuse uMengameli uCyril Ramaphosa namuhla ukuthi agqugquzele ongqongqoshe bakhe ukuba basheshise ukuhlinzekwa kwezidingongqangi emalokishini kamasipala.
Izakhamizi eziphuma emiphakathini eyahlukene zibuthene e-Tsakani Stadium ngoLwesihlanu ngesikhathi kunembizo yokuqala kamengameli ukuzokwethula izikhalo zazo zokungalethwa noma ukugqoza kokulethwa kwezidingongqangi kuRamaphosa.
Kulo mcimbi izakhamizi zinikwe ithuba lokuthi ziveze izikhalo zazo, ongqongqoshe baphendula becobelela ngezinhlelo zabo zokubhekana nokuhlinzekwa kwezidingongqangi.
Izikhalo zezakhamizi zihlanganisa amazinga aphezulu abantu abangasebenzi, ukungaxhunywa kahle kwamanzi, iminyaka yokulinda izindlu zomxhaso, izikole eziyimijondolo, amaphoyisa angasebenzi, ubugebengu, izidakamizwa, amadelangokubona ezokwakha kanye nokuqolwa kwabantu.
Isakhamuzi sase-Duduza uNksz Nonhlanhla Mabuza uthe sekuphele inyanga bengenawo amanzi kodwa ngoLwesine bathuke isimanga amanzi eqala ukuphuma kompompi.
“Kuyahlekisa ukuthi bakwazile ukubhekana nenkinga ngosuku olwandulela ukuvakasha kukamengameli,” esho.
“Selokhu kuqale isonto sibone izikhulu zisebenza kanzima ukulungisa imigwaqo namalambu emigwaqweni. Lokhu kukhombisa ukuthi izikhulu zikahulumeni zihudula izinyawo.”
Ohola impesheni uJohanna Masuku unxuse umengameli ukuthi abhekane nenselelo yentsha ecwila kwizidakamizwa.
“Sengikhathele ukuhlala ngokwesaba emzini wami. Kufanele ngifihle yonke into – ngisho ngilala kufanele ngigqoke nezicathulo zami ukuze ngizivikele.
“Lezi zingane zeba yonke into; bantshontshe amazinyo ami okufakelwa nezibuko ukuze bathenge izidakamizwa. Mengameli, sisize!”

UNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi uzibophezele ekulweni nokusilela emuva kwezindlu. Uthe ngokuzayo uMnyango wezeZindlu uzothatha izigxivizo zeminwe zabazohlomula ezindlini zomxhaso ukuze uqinisekise ukuthi abafake izicelo ezifanele bayazithola izindlu.
“Sinomsebenzi omkhulu wokusalela emuva kusukela ngo-1996 ngoba ezinye izindlu zigcwele abanikazi abangafanele. Kodwa sizokwazi ukuqinisekisa ozohlomula ngokusebenzisa izigxivizo zeminwe,” usho kanje.
URamaphosa uthe le mbizo iyindlela ebalulekile yokuthi uhulumeni axhumane nabantu.
“Izinto esizibeke eqhulwini wukukhulisa umnotho, ukudala amathuba emisebenzi nokulwa nobubha, kodwa ukuze sikufeze lokhu sidinga omasipala abaqinile.
“Bahamba phambili entuthukweni njengoba behlinzeka ngezidingongqangi kubantu bakithi,” usho kanje.
Ovela kuvidiyo: Ohola impesheni uJohanna Masuku uncenga umengameli ukuthi alwe nezidakamizwa emiphakathini.
Osesithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa.
Umthombo: Doreen Mokgolo