Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Uphiko lwabesifazane boMkhonto weSizwe Party bazohlonipha uNkosikazi omdala waloyo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngeqhaza alibambile, ewa evuka naye kunzima.
Lo mcimbi wokuhlonipha uNkk Sizakele MaKhumalo-Zuma bazowenza njengengxenye yokuvala inyanga yabantu besifazane emcimbini ozoba kwaDakwadunuse eNkandla ngomhlaka-31 kuNcwaba.
Umdidiyeli weMKP Womens Command KwaZulu-Natal uNkk Mavis Shandu uveze ukuthi kuningi uMaKhumalo adlule kukho ngenxa yepolitiki nokuboshwa kukaZuma.
“Ubengumama okwazile ukumelana nezimo ezinzima zempilo engumuntu wesifazane. Kube nezikhathi lapho ubaba eyesekudingisweni kodwa wahlala wabekezela, wawumisa umuzi akazange amshiye.
“Ngisho ubaba esesungula uMkhonto weSizwe, uMaKhumalo usalokhu eqhubekile nokumeseka nokwenza ubaba abenamandla okuphokophelela phambili,” kusho uShandu.
Uqhube wathi uMaKhumalo ukumele ukuba ngumama wesizwe njengoba engazange asihlaze isizwe ngokuvela ngamahlazo emaphephandabeni.
Uthe okunye okubahlaba umxhwele ukuthi uMaKhumalo akazange abalahle omakhelwane bakhe ngesikhathi umyeni wakhe esenguMengameli kodwa uqhubekile waphila nabo belima nezivande.
UMaKhumalo ushade noZuma ngo-1973 kodwa izingane abazange babenazo.
Ngo-2013 uMaKhumalo waveza ubuhlungu abuzwa bokulahlekelwa umyeni wakhe ngokuthi aye ekudingisweni benezinyanga ezimbili beshadile.
Uthi wayeseyinhlekisa emphakathini nasemndenini kuthiwa ulinde umuntu ongasophinde abuye.
Uthi abanye basebeqalile bemeshela bethi akagane omunye umuntu ngoba uZuma sekucacile ukuthi unyamalele okwaphakade.
“Ngahlala ngoba ngangimthanda futhi ngangiphike ukuthi ngiyodela mhla ngabona ithambo lakhe ngoba angiyindawo,” kusho uMaKhumalo.
UZuma waze wabuya ekudingisweni ngemuva kweminyaka engu-18 ngesikhathi uKhongolose uvulwa umlomo.