Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ugwetshwe udilikajele umqeqeshi webhola waseKurhuleni ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-12.
UVusi Khoza utholwe enecala elenzeka eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule.
Ngo-2015, ngesikhathi le ntombazane idlala ibhola nabangani, uKhoza wabasola ngokweba ama-cones akhe aqeqesha ngawo wabe esebajaha.
Wabamba intombazane wayidlwengula endaweni evulekile.
“Umama ubike lokhu emaphoyiseni, uKhoza waboshwa ngemuva kwezinsuku ezintathu kwenzeke isigameko ngomhlaka-24 ngoMfumfu ka-2015,” kusho okhulumela i-NPA esifundeni uLumka Mahanjana.
UKhoza ukuphikile ukuthi wadlwengula ingane futhi waliphika icala.
Ucele inkantolo ukuthi ingakhiphi isigwebo esinqunyiwe kodwa esokuqondiswa kwezimilo esekhaya.
Umshushisi woMbuso uThulwana Jessica Khakhathiba ukuphikisile lokhu.
“UKhoza akazange aziphendulele ngesenzo sakhe futhi akazange akhombise ukuzisola. Ukungathumeli uKhoza ejele kungathumela umyalezo ongewona emphakathini,” kusho uKhakhathiba.
Imantshi ivumelane nombuso ngokuthi uKhoza akakhombisanga ukuzwelo nokuzisola.
Isakhamuzi saseKurhuleni, uNksz Sophy Mhlongo sithe sikhululekile njengoba uKhoza egwetshiwe wasuswa emphakathini.
“Lokhu kuzoba yisifundo nakwabanye ukuthi inkantolo isohlangothini lwabahlukumezekile, izingane zethu kumele ziphephe futhi zikhululeke ukudlala emapaki asendaweni ngaphandle kokwesaba,” usho kanje.
Isithombe esingenhla: Court Gavel.
Umthombo: Stock