Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abantu baseTopblock eNqanqarhu, e-Eastern Cape, banomuzwa wokuthi abakaze bahlomule kwintando yeningi yaseNingizimu Afrika.
Imijondolo yaseTopblock yaqala ngo-1994 ngenkathi iNingizimu Afrika ithola inkululeko kubandlululo.
Izakhamizi eziningi zazingabasebenzi basemapulazini abalahlekelwa yimisebenzi ngesikhathi kuqala uhulumeni wentando yeningi. Ngenxa yalokhu, abaningi abakaze babe nabo omazisi noma izitifiketi zokuzalwa.
Izingane ezizalwa emphakathini nazo azinazo izitifiketi zokuzalwa futhi azikabhaliselwa izibonelelo zikahulumeni.
Izakhamizi azinawo amanzi ahlanzekile, izindlu zangasese ezifanele, imigwaqo, noma imitholampilo.
Umholi womphakathi u-Elias Mqunyana uchaze ngesimo esinzima.
“Abantu balapha kumele bavuke ekuseni ngo-2 ukuze bathole amanzi ahlanzekile. Silwela amanzi njalo ekuseni. Kunamathoyilethi omgodi amathathu kuphela, kodwa agcwele. Ngakho kumele siyozikhulula ehlathini,” usho kanje.
UMqunyana uthe iningi labantu emphakathini alisebenzi.
“Abesifazane abasebasha lapha bavame ukuzizwa bengenayo enye indlela ngaphandle kokuzinikela kwabesilisa ukuze bathole ukudla. Amantombazane amaningi amancane anezingane okungenani ezintathu, awakaze asebenze, awakaze aye esikoleni, noma athole izibonelelo zikahulumeni.
“Sicela uhulumeni asisize, lena akuyona indlela yokuphila.”
Ngaphambi kokhetho, umphakathi wabhikisha ukuze uthole ukunakwa nguhulumeni.
“Imeya kamasipala wase-Elundini isitshele ukuthi sivote, yathembisa ukuthi izosilekelela ngemuva kokhetho, kodwa asikaze sizwe lutho,” kusho uMqunyana.
Ilungu lePhalamende le-DA uBaxolile Nodada uzame ukusiza umphakathi ngo-2020 ngokuletha i-NGO yamazwe ngamazwe ehlinzeka ngezixazululo eziqhubekayo zamanzi nokukhucululwa kwendle.
Kodwa-ke, umasipala wayivimba le mizamo, wathi bazoyisa abahlali ezindlini ezifanele, kodwa lokho akwenzekanga.
Imenenja kamasipala wase-Elundini uJack Mdeni uthembise ukuthi uzoyiphendula imibuzo yeScrolla.Africa kanti impendulo yakhe izongezwa uma isitholakele.
Esithombeni esingenhla: Ilungu lePhalamende leDA uBaxolile Nodada evakashele umphakathi waseTopblock eNqanqarhu, kanye neSulabh International School of Action Sociology and Sociology of Sanitation – South Africa (SICAS SA).
Umthombo: Sithunyelwe