Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kushone abantu abane, kwathi abathathu balimala kanzima ngesikhathi kuqubuka umlilo ebhilidini elingasasetshenziswa e-Jeppestown, eGoli, ngeSonto ekuseni.
Okhulumela i-Johannesburg Emergency Medical Services (EMS) uRobert Mulaudzi uthe abantu abane bashonele endaweni yesigameko, kwathi abathathu balimala ngesikhathi bezama ukubalekela umlilo.
UMulaudzi uthe baningi abantu abasadukile.
“Asazi noma bavaleleke kuleli bhilidi noma bebengekho yini ngempelasonto, ngakho-ke sibheka zonke izitezi ukuze siqinisekise ukuthi azikho izidumbu ezidindilizile esingazithola endaweni,” kusho uMulaudzi.
Uphenyo luveza ukuthi umlilo kungenzeka ukuthi udalwe ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.
Izakhamuzi zalesi sakhiwo bezisebenzisa izinto ezifana namapulangwe osilingi namakhethini ukuze bahlukanise amagumbi, okusize umlilo ukuba ubhebhetheke ngokushesha.
“I-City Power nayo kuzomele ingenelele ngoba kuningi okuxhunywe ngokungemthetho ngakho-ke kuzoba wumzamo wezinhlaka eziningi ukuqinisekisa ukuthi sithola ezinye izidumbu ezisekhona,” kuchaza uMulaudzi.
Uthe imbangela yomlilo isaphenywa, kanti uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika yilo oluphethe indawo yesigameko.
Lesi sibhicongo siza cishe ngemva konyaka kwaqubuka umlilo ebhilidini Usindiso, lapho kwashona khona abantu abangu-78 ngomhlaka-1 kuMandulo.
Esithombeni esingenhla: Ibhilidi elishayo e-Jeppestown, eGoli.
Umthombo: Idolobha laseGoli EMS/X
