UNgizwe uthi akalubhadi kuMkhonto ngoba uDuduzile wamthuka ngonina

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMengameli wamaBhinca uNgizwe Mchunu ushiye angalazi ngoMkhonto weSizwe Party, wathi akawujoyinanga ngoba wathukwa uNkk Duduzile maZuma-Sambudla. 

UMchunu ukusho lokhu ekhuluma nesizwe emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana. 

“Mina angisobe ngiye kuleya nto. UDuduzile wangithuka wangibiza ngaphansi kweziketi zikamama, “usho kanje. 

Uqhube wathi uMkhonto weSizwe Party uzokweba imali yebhange Ithala. Lezi zinsolo azibhekise kuMkhonto weSizwe Party zicasule abalandeli baleli qembu njengoba ebenza nezinsolo zokuthi ubufakazi balokhu ukuthi lilande uMnuz Floyd Shivhambu okhonjwa ngenjumbane enkohlakalweni yokwebiwa kwemali yebhange i-VBS.

UMchunu ukusho lokhu nje kuthe kubhekwe okhethweni wathusa abaningi esehamba noMengameli kaKhongolose uMnuz Cyril Ramaphosa. 

Uze wenza umcimbi kaMaskandi e-Peoples Park nokwathiwa inhloso kwakungukuphazamisa amabhinca ukuba angayi emcimbini woMkhonto weSizwe Party eGoli.

Umdidiyeli weMKP Womens Command uNkk Mavis Shandu uthe uMchunu uzama ukuziveza ngoDuduzile ngoba engumuntu wesifazane. 

“Sithi akahlukane noDuduzile ngoba umholi lona ohlonishwayo ngamagalelo asebenawo kwezombusazwe. Nokho siyakuqaphela ukuthi uma abantu besilisa benezinkinga noma sebewile empilweni bafuna ukusukuma ngabantu besifazane njengoba uMchunu enzakuDuduziIe,” kusho uShandu.

Izihloko zakamuva