Isilo sifuna uNgqongqoshe noNdunankulu waseKZN balungise inkinga yokuvalwa kwe-Ithala ngokushesha

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sikhuza umhlola ngokuphucwa kwebhange Ithala imvume yokusebenza njengoba sesikhombe uHulumeni ukuba alulungise ngokushesha lolu daba.

Sithi uma lungalungiswa ngokuphuthuma kungalimala osomabhizinisi basemakhaya nabasemalokishini abadonsa kanzima.

Isilo sikusho lokhu ngemuva kokuba umkhandlu obhekele ukusebenza kwamabhange okuyi-Financial Sector Conduct Authority (FSCA) ugcine uthathe isinqumo sokumisa imvume yokusebenza kwe-Ithala ngoba alihlangabezani nemigomo ebekiwe futhi lisengozini yokuwa noma nini.

INdlulamithi ithe baningi abantu abazoshayeka uma ingasukunyelwa indaba ye-Ithala ngoba beseliyithemba kosomabhizinisi abamnyama ngenxa yokuthi amabhange amakhulu awabaphathi kahle futhi ababekela nemigomo enzima yokubanikeza imali.

Esitatimendeni esikhishwe uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, iNdlulamithi imjube ukuba axhumane ngokushesha noNgqongqoshe weziMali kuzwelonke uMnuz Enoch Godongwane noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ukuze kunqandwe umkhuba ongena ekhaya wokuvalwa kwe-Ithala.

“INdlulamithi iyakhala kakhulu ngalesi sinqumo nokwenze yajuba uNdunankulu kaZulu ukuba asukumele phezulu ukuze Ithala libuyele emsebenzini wokusiza isizwe. Isilo sibuye sakhalaza ngokukuthi ukufa kwe-Ithala kusho ukunyathelwa ngezinyawo kwezithukuthuku zikaMntwana wakwaPhindangene owasungula leli bhange ukuze kusizakale isizwe,” kusho isitatimende.

IThala lasungulwa uNdunankulu kaZulu ongasekho uDkt Mangosuthu Buthelezi noBhishobhi Alpheaus Zulu webandla lamaSheshi eNingizimu ne-Afrika ngenhloso yokuba osomabhizinisi abamnyama bakwazi ukuba nesikhungo esizobaboleka imali yokuqala amabhizinisi abo.

Lokhu bakwenza ngesikhathi ubandlululo lwaludla lubi amabhange, engababoleki abantu abamnyama imali.

Muva nje Ithala bese likwazi nokuboleka osomatekisi imali ngenzalo encane ukuze bakwazi ukukhulisa ibhizinisi labo ngemuva kwesikhathi eside bekhala ngamabhange abemba eqolo.

Abe-FSCA bakhiphe umyalelo wokuthi Ithala alingabe lisaphinde likhiphe imali kodwa umsebenzi walo aliwudlulisele kwamanye amabhange azoqhubeka nawo.

Izihloko zakamuva