Ujele obenakekela uZuma uthole isikhundla esiphambili ku-MK

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Unogada obonakala ezithombeni ezisabalele zowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngesikhathi eboshelwe ejele lase-Estcourt KwaZulu-Natal usethole umsebenzi ophezulu eqenjini loMkhonto weSizwe (MK).

Izolo, uNombuso Mkhize uqokwe njengephini likanobhala-jikelele omusha weqembu esithangamini sabezindaba se-MK eGoli.

Yilapho iqembu limemezele khona ubuholi balo obusha bukazwelonke, obubizwa nge-national high command, obuzoholwa nguZuma njengomengameli wabo.

UMkhize, odabuka KwaZulu-Natal, ubeyisisebenzi oMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ejele lase-Estcourt.

Ubesesikhundleni esiphezulu ngesikhathi esejele futhi wanikwa umsebenzi wokuqapha ukuboshwa kukaZuma.

“Ubenomusa kakhulu kuZuma, emthatha njengendoda yomndeni esikhundleni sesigebengu. Lokho kuholele ekutheni uZuma amhloniphe,” kusho umthombo we-MK Party kwi-Scrolla.Africa.

Abaholi abaphezulu eqenjini bathi uMkhize uphathe uZuma “ngenkulu inhlonipho”, futhi baba nobudlelwane obusondelene. 

Ngokuhamba kwesikhathi uMkhize wawushiya lo mnyango, kwathi lapho uZuma ememezela ukusungulwa kwe-MK Party, wajoyina iqembu.

UZuma, (82), wagwetshwa izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele ngoNtulikazi 2021 ngokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo wokuba avele phambi kwekhomishini kaZondo eyabe iphenya ngokudunwa kombuso.

Ukuboshwa kwakhe kwadala imibhikisho enodlame lapho kwabulawa khona abantu abangaphezu kuka-300.

Uhlale izinyanga ezimbili kuphela ejele kanti wasinda ukuhlala isikhathi eside ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela ukuhoxiswa kwezigwebo kulabo abangenalo udlame. 

UMkhize akazange asiphendule isicelo sokuxoxisana ne-Scrolla.Africa.

Umkhulumeli we-MK Party uNhlamulo Ndhlela ubengakaphenduli esicelweni sethu sokuthi aphawule ngokuqokwa kukaMkhize ngesikhathi sokushicilela.

Esithombeni esingenhla: UNombuso Mkhize egqoke izingubo zeqembu le-MK, nangesikhathi esiza uZuma ejele.

Umthombo: X kanye ne-DCS

Izihloko zakamuva