Abasolwa ngokubulala baboshwe amaphoyisa eRustenburg

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amadoda amahlanu abefunelwa icala lokubulala aboshwe ngamaphoyisa aseNorth West ngesikhathi evimbe umgwaqo eRustenburg ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Sabata Mokgwabone uthe la madoda abenenqwaba yezikhali ezimotweni zawo.

“Kwenye yezimoto ebinabantu ababili, amaphoyisa athole izinhlamvu ezingu-130 ze-9mm, izinhlamvu ezingu-280 ze-AK-47, izibhamu ezintathu zohlobo lwe-AK-47, ezinye izibhamu ezinkulu ezimbili, isi-shotgun eyodwa, izibhamu ezintathu zohlobo lwe-9mm nomagazini abahlanu e-9mm,” kusho uMokgwabone.

UMokgwabone uthe ukuboshwa kwalaba kuhlobene nesigameko sangoLwesithathu ngomhlaka-21 kuNcwaba, ngesikhathi kubikwa amacala amathathu okuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eSun City.

Lokhu kwenzeke ngemuva kwesigameko sokudubula esibandakanya abasebenzi bezinkampani zonogada ezintathu ezizimele esigodini saseTlhatlaganyane.

Abesilisa ababili abaneminyaka engu-30 no-32 baboshwe endaweni yesigameko, imoto yathathwa ngamaphoyisa. Kube sekuthungathwa abanye abasolwa ababaleke ngezimoto ezimbili.

Uphenyo luveze ukuthi iToyota GD6 okubikwa ukuthi bebehamba ngayo yebiwe ngoNhlaba eDelmas, eMpumalanga. Uphiko lweVehicle Crime Investigation Unit luyakubheka lokhu.

“Abagibeli ababili beToyota Fortuner, bobabili abaneminyaka engu-42 ubudala, kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseRustenburg ngoMsombuluko ngomhlaka-26 kuNcwaba, babhekene namacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni,” kwengeza uMokgwabone.

Abanye abasolwa ababili baphekwa ngemibuzo ngamaphoyisa eSun City ukuze kubonakale ukuthi bayathinteka yini emacaleni okuzama ukubulala.

Khonamanjalo, abasolwa ababili ababoshwe eSun City nabo kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngomhlaka-26 kuNcwaba ngamacala amathathu okuzama ukubulala.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Sello Kwena, uncome amaphoyisa athintekayo, wathi ukuboshwa kukhombisa ukuthi amaphoyisa azimisele ngokulwa nobugebengu.

Amaphoyisa asendaweni yaseSedibeng aphinde ashaqa izibhamu ezingekho emthethweni, okubalwa kuzo izibhamu ezintathu ne-9mm pistol eyodwa, nezinhlamvu ezingu-394 ze-9mm kanye nezinhlamvu ezingu-58. Kuboshwe umuntu oyedwa.

Esithombeni esingenhla: Kuthathwe izibhamu lapho kuboshwe khona abasolwa abahlanu abasolwa ngokubulala eRustenburg.

Umthombo: North West SAPS

Izihloko zakamuva