Author: N5

Icala lababengonogada baMashatile lihlehlisiwe ngenxa yokunqanyulwa kwamanzi

Ukungabibikho kwamanzi ebhilidini lonke lenkantolo yase-Randburg kusho ukuthi amacala ahlukene asenkantolo abengeke esakwazi ukuqhubeka kuze kube ntambama.

‘Abaqola izikole e-EC kuthiwa bangamalungu omndeni wasebukhosini babaThembu’

Inkosi uBuyelekhaya Dalindyebo ifunga iyagomela ukuthi izobhekana ngqo nabasolwa futhi izoma esangweni lesikole esivaliwe ngenxa yokusatshiswa yizigebengu uma sivulwa ngoLwesithathu.

Kuboshwe owesilisa otholakale namaphasipothi angu-34

Onogada basemngceleni bathole amaphasipothi ngesikhathi sokuhlolwa okujwayelekile.

Basamangele abomndeni wentombazane ebulewe imoto yeSilo ngokuzibulala “okungaqondakali” komqaphi waso

Bashaya amakhala abomndeni wentombazane eshone engozini yemoto yeSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokuzibulala abathi kubashiya nemibuzo ngomqaphi waso obethinteka kule moto.

Iciko elisencane lihloniphe uConnie Chiume ngesithombe esidwetshiwe

“Njengamaciko amancane, sisesimweni esingcono sokuvikela umsebenzi wethu ngezimfundiso zakhe.”

UChidimma uhola ngamavoti amaningi kuMiss Universe Nigeria

Obengenele u-Miss South Africa, uChidimma Adetshina, usehola emqhudelwaneni ka-Miss Universe wase-Nigeria.

ISundowns Ladies ifunde isifundo ekuhlulweni kwayo e-US

“Ukuncintisana namaqembu alolu hlobo kugqamise kokubili amandla ethu nezindawo ezidinga ukulungiswa kahle.”

‘Umkhumbi we-ANC’ uyacwila – Lesufi

Izinxushunxushu kanye nokubanga izikhundla ku-ANC kungase kulahlekisele iqembu okhethweni lomasipala lwango-2026.

I-Equal Education inxusa uMnyango waseKZN ukuthi uxazulule izinkinga zokudla okunomsoco 

Isikhungo sezomthetho se-EE sifuna kuhlonishwe izivumelwano abafinyelela kuzo ngoNhlaba abahlinzeki bezinsizakalo zohlelo lokudla okunempilo.

UMboro unqatshelwe ibheyili

Unogada wakhe uyalelwe ukuthi abuyele ejele kodwa indodana yakhe yathola ibheyili nesexwayiso.

Kuzoba wumqansa ukuhlela impi ye-UFC eNingizimu Afrika 

Ukuletha umcimbi we-UFC eNingizimu Afrika ngemuva kokuwina kukaDricus du Plessis kuyinselele ngenxa yobukhulu bendawo efunekayo, umehluko wesikhathi, kanye nezinkinga zezimali.

Isifakwe ezithebeni zeNkantolo yaseWestern Cape eyabaxoshwe uMkhonto ePhalamende 

UMholi woPhiko lwabaFundi abadlelana noMkhonto weSizwe Party uselifake enkantolo yase-Western Cape leli qembu nabanye axoshwe nabo ePhalamende njengoba bephonsa inselelo ngalesi sinqumo.

Recent articles

spot_img